IKZN Namuhla ivale unyaka ngegiya eliphezulu

ESITHOMBENI:UMhleli wephephandaba kanye nengxenye yethimba leKZN Namuhla Community Newspaper ngesikhathi beCruiser

THOBILE MBATHA                                 

IKZN Namuhla ivale unyaka  ka-2022 ngegiya eliphezulu, uNksz. Sheila Mhlongo ongumsunguli wephephandaba lomphakathi  IKZN Namuhla Community Newspaper kanye neJabuM Trading Communications & Projects aphinde ab euMhleli omkhulu. Ubenohlelo lokujabulisa abasebenzi bakhe kanye nomphakathi obuthanda ukuba yingxenye yenjabulo yokuphetha unyaka.

Lomcimbi wokuvala unyaka ubungazwe ngokuzishayisa ngomoya olwandle ihora lonke besemanzini  phecelezi Boat Cruiser mhla ziwu -10 Disemba 2022 ngoMgqibelo emini. Kwaphinde kwagujwa nosuku  lokuzalwa komunye wezisebenzi uNomthandazo (Marathon) Magoso. Ebebehlanganyele neKZN Namuhla bebebaningi lapho sibala nethimba  le-Ink Media Tv. Okuyilona ebelithatha izithombe ngenkathi kuqhubeka usuku.

Akugcinanga lapho kube ne-Lunch kwajabula wonke umuntu obehambele umcimbi obuhlanganisa abantu abaningi njengoba iphephandaba lisebenzela abantu abaningi  eThekwini yingakho noma lenzani lithanda ukubungaza ubuhle nomphakathi. Ekhuluma uMhleli uthe, “Isifiso sami semihla yonke ukuthi ngihlanganyele nomphakathi kukhona konke engikwenzayo ngaphandle kokukhetha abantu, iyona nhlosongqangi yami njengomsunguli wephephandaba ukuthi yonke  into eyenzeka ephepheni umphakathi ungasali ngaphandle.

Ngifisa ukubonga kubo bonke ababambisene nathi uma sihlaba ikhwela lokudibana ngaso sonke isikhathi ngithi nje bengapheli amandla konke esikwenzayo nesiyikho kungenxa  yabantu. Umuntu ngumuntu ngabantu, ngiphinde ngibonge nethimba leKZN Namuhla ngokuthi inkosi isigcinile kwaze kwaba la sikhona namhlanje sisaphelele kungekho lunga lethu elisishiyile, konke lokhu kungumusa nothando loMdali    Ngidlulisa ukubonga kanye nokufisela bonke abantu abazi iphephandaba iziloktho ezinhle namaholidi kaNcibijane aphephile nanempumelelo siphinde sibonane nangokuzayo.” Kuphetha uMhleli.