THOBILE MBATHA
IMeya yeTheku ukhansela Mxolisi. Kaunda ebambisene nomkhandlu wonke weTheku baveze ukuthi balindele ukwamukela izivakashi ezingaphezu kuka-700 000 ezizohambela eThekwini kulesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe abezindaba sithe, lokhu kushiwo iMeya uMxolisi Kaunda ngesikhathi enesithangami nabezindaba ekuqaleni kwenyanga kaDisemba. Uphinde wathi unethemba lokuthi umsebenzi abawenzile wokuthuthukisa izinga lamanzi emabhishi kuzoholela ekwandeni kwezivakashi ezizofuna ukujabulela amaholidi olwandle nesihlabathi saseThekwini.
“Kulesisikhathi samaholidi ka-2022, silindele ukwamkela izivakashi kanti lokhu kuzoholela ekutheni kube nenani labantu abazohlala ku-75% kuzo zonke izikhungo zezindawo zokuhlala. Ukusetshenziswa okuqondile kwezigidigidi ezingaphezu kuka –R1.5 nangaphezu kuka-R-3.8 womnikelo ku-GDP umkhiqizo wasekhaya kanye namathuba emisebenzi engu – 7 775.” Kusho uKaunda.
Uthe ngalesisikhathi samaholidi abomthetho bazoqinisekisa ukuthi izimoto zilawulwa kahle njengoba kulungiswe imigwaqo kwaphinde kwavalwa leyo ebukeka ingadala inkinga njengoba kulesikhathi saDisemba kuba nezimvula ezinkulu esiFundazweni kanjalo namapaki okugibela kulabo abazosebenzisa izithuthi zomphakathi konke kumi ngomumo. Kuphetha uKaunda.