UBhishobhi uDube ubonge abaxhase ibandla lakhe le ECC ngeminikelo

UBhishobhi uVusi Dube enoNksz Nomfundo Mcoyi we Icebolethu Funeral

INTATHELI YE-KZN

UBhishobhi uVusi Dube webandla iThekwini Community Church ophinde abe ilunga  elihloniphekile lesiShayamthetho saKwaZulu-Natali ubonge amalunga ebandla lakhe Kanye nosomabhizinisi abeseke lelibandla ngokulixhasa ngezimali. Lokhu uDube ukusho ngesikhathi kuqhubeka umcimbi wesidlo sakusihlwa owabe ubanjelwe eAha Gateway Hotel eMhlanga ngeSonto lomhlaka 4 Disemba.

uMhlonishwa uSiboniso Duma uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nokuVakasha

Mayelana nenhloso yalomcimbi wesidlo sakusihlwa (Fundraising Dinner) uDube uchaze wathi ibandla lakhe lihlela ukuthenga ibhilidi okuzoba ngelebandla, okungakho kulomcimbi bekukhona osomabhizinisi abebeze ngenhloso yokusiza ngeminikelo, kanye noMhlonishwa uSiboniso Duma onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuvakasha KwaZulu-Natali nokunguye owethule inkulumo yokukhuthaza osomabhizinisi ukuthi benze imisebenzi nohulumeni.

Enkulumeni yakhe uBhishobhi uDube ubonge osomabhizinisi abaningi abakhonza ngaphansi kwalelibandla lakhe okubalwa Phakathi kwabo iCebolethu Funeral, uNto Catering Kanye nabanye abebekhona kuwo lomcimbi obudle ngengqephu yasebusuku nobukhazikhazi.

UNkk Zenzile Gwamanda oyilunga ebandleni, uchaze ibandla lase eThekwini Community Church njengendawo lapho kunakekelwa khona abantu ngezindlela ezehlukene okubalwa ezomphefumulo, ezenkolo, isikole sebhayibheli, izinhlelo zezempilo kanye nohlelo olukhuthaza ukuzivocavoca njengoba kuneqembu eligijima ngisho kuComrades Marathon.

“Ibandla lase ECC akuyona nje indawo yokukhonza kuphela kodwa liyindawo lapho kunakekelwa khona abantu ngezindlela ezahlukene okubalwa ezomphefumulo, uhlelo lwezempilo kanye nelokuzivocavoca , njengoba kukhona abagijimi.” Kuchaza uGwamanda.

Impumelelo yalesidlo sasebusuku iphethwe ngokuzibophezela kosomabhizinisi ngeminikelo yabo  kulelibandla lase ECC.