SAMUKELISIWE MBONAMBI
Ukuqokwa kukaMammila njengoMqeqeshi weqembu leChippa United esuka ekubeni uMqondisi kwathusa abaningi njengoba ebene layisense yeCaf D kuphela, kodwa yena ukugxekwa akumethusanga njengoba ayesefunde lukhulu kwisilomo seKaizer Cheifs uDoctor Khumalo.
“UDoctor Khumalo ungilungiselele ukuqeqesha ngesikhathi efika kuBoroka njengo-Technical Director njengoba ngamcela ukuthi asize umqeqeshi uKgaloko Thobajane , ngemva kweseshini ngangiye ngihlale naye, ngihlale naye cishe unyaka wonke ekhaya okukwenza kube sobala ukuthi ngifunde kuyena unyaka wonke, sasihlala achaze yonke into kusukela kwiseshini yokuqala kuze kufike kweyokugcina kanti abantu abangakwazi ukuthi uKhumalo ukuqeqeshelwe ukuqeqesha” kusho uMorgan.
Iqembu ngaphansi kwaMammila elinqobe imidlalo emine yokuqala ye-DStv Premiership laphinde lahlulwa umdlalo owodwa ladlala ngokulingana omunye ngaphambi kwekhefu lamasonto ayisikhombisa leNdebe Yomhlaba ka-2022.
Ezikhulumela ngowakhe kwiMarawa Sport Worldwide uthe “Njengoba izinto zimi kanje empilweni yami lilodwa iqembu engizoliqeqesha, okuyiChippa United kodwa uma ngikwazile ukuthola ilayisensi yeCaf A ngingacabanga ukuqeqesha elinye iqembu”