Kuyintokozo ukuthi sekuze kwafika lesikhathi sokuphela konyaka ka2022 sisayibambile kulendima yabezindaba siyiphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla. Sibonge futhi ukuthi sesiqede iminyaka engu-24 yonke kwasungulwa leliphephandaba kusukela ngonyaka ka 1998 mhlazane zingu 15 September.
Nakuba bezikhona izingqinamba esihlangabezane nazo ekuqhubeni umsebenzi wephephandaba okudalwe ukungabikho kahle kwezimali zokubhekana nezindleko zonke kusukela ekucosheleni izindaba, ukukhokhela amahhovisi, ukukhokhela abasebenzi Kanye nokugaya kuphinde kusabalaliswe iphephandaba kodwa siyabonga ukuthi sikwazile ukuphetha unyaka konke kusaqhubeka kahle.
Uma sibheka lokho okube impumelelo emsebenzini wethu singasho ukuthi siyabonga ukuthi sikwazile ukwethula ngempumelelo umncintiswano wamaCiko lapho umphakathi ongabalandeli bawo waqoka waphinde wavotela lawo okwakumele angenele iKZN Namuhla Artisist Awards 2022, nokube yinto eyaba impumelelo enkulu emlandweni wephephandaba, Sinethemba futhi ukuthi nangonyaka ozayo sizokwazi ukuwuqhuba lomncintiswano ngempumelelo.
Okunye esikwazile ukuphumelela kukho ukuthi kuwo ama Artists Awards sakwazi ukwenza umcimbi wokubungaza iminyaka engu-24 labakhona iphephandaba. Lomcimbi wabusiseka ngobukhona buka khansela uNtandoyenkosi Khuzwayo okunguye owabe emele iMeya yeTheku uMxolisi Kaunda.
Kukho konke lokhu okuhle esengikubalile okube impumelelo ngingasho ukuthi siyiphephandaba iKZN Namuhla sithanda ukubonga wonke amakhasimende ethu avame ukusixhasa ngokuthenga izikhangiso zamabhizinsi awo okubalwa phakathi uMasipala weTheku osekuphele iminyaka eminingi elokhu elixhasa nyanga zonke iphephandaba.
Sengiphetha ingabe ngenza iphutha uma ngingabongi ithimba lethu leKZN Namuhla eliqoqa liphinde lilobe izindaba ezisiza umphakathi ngolwazi kanye nokupromotha amaCiko asafufusa, ngiphinde futhi ngibonge nabobonke abalandeli kanye nabafundi beKZN Namuhla.
Mayelana nokusebenza kwephephandaba ngicela ukwazisa bonke abantu kanye namakhasimende ethu ukuthi amahhovisi azovalwa ngoLwesibili lomhlaka 20 December, 2022, liphinde livulwe ngonyaka ozayo ngoLwesibili lomhlaka 10 January 2023.