Asemenyezelwe amaqembu azoba ingxenye yeNedbank Cup

Ngesonto eledlule ngolwesine amenyezelwe bukhona amaqembu azoba ingxenye yomqhudelwano wenedbank cup loluhlelo belubanjelwe enedbank head office estandton kanti belusakazwa bukhoma kuchannel 202 kumabonakude, njengokwejwayelikile kumenyezelwe amaqembu angu-32 azotholana phezulu okuhlanganisa amaqembu angu-16 adlala kwi dstv premiership league kube ayi-8 adlala kwi motsepe foundation championship bese kuphinda kuba amanye ayi-8 adlala kwi safa division.

Continue reading

USibusiso mgabhi wethe Musicbox Society ucela uxhaso lokuthuthukisa inhlangano

USibusiso Mgabhi odabuka eNanda ungelinye lamalungu asungule inhlangano ebizwa nge: The Musicbox Society ezinze khona endaweni yasenanda, lenhlangano isungulwe ngonyaka ka2021 ngenyanga ka-agasti ngokuhlanganyela kwamaqembu amathathu omculo odlalwa bukhoma i-holy fire okungeyakhona eNanda, isandiso okungesase Waterloo kanye Netidos okungeyase Lamontville

Continue reading

UMasipala lokhu eqhubekile nomkhankaso wokuhlanza iTheku

UMasipala wetheku usalokhu uqhubekile nomkhankaso wokuhlanza nangonyaka ka-2023.lokhu kuvele ekhasini likamasipala likafacebook bathe, iMeya uMxolisi Kaunda yethule umkhankaso othi MOTHER OF ALL CLEAN UPS, okuwumkhankaso obubanzi kakhulu. lomkhankaso ohlanganise izindawo eziwu-13 esingabala lezi ezilandelayo, iCBD, City Hall, ICC, Albert Park, Warwick, Moses Mabhida Stadium, Point, South beach, North beach, uMgeni. , Musgrave, Greyville ne Dalton Hostel.

Continue reading