U-Akhona makalima uthole elimyivela kancane lokuyoba unompempe koweFifa

Unyelwe inyoni esandleni unompempe wakuleli laseningizimu afrika u-akhona makalima njengoba ethole ithuba eliyimvela kancane lokuyophatha umdlalo kwindebe yomhlaba yefifa yabesifazane.

U-Akhona makalima kulindeleke ukuthi aphakamisele phezulu ifulegi laseningizimu afrika endebeni yomhlaba ye-fifa yabesifazane ka-2023 njengoba eqokwe njengesinye sezikhulu zalo mqhudelwano. umakalima othandwa abaningi abalandeli bebhola bakuleli nguyena yedwa unompempe waseningizimu afrika kulo mqhudelwano ozodlalelwa e-australia kanye nasenew zealand kusuka ngojulayi  kuya ku-agasti kuwona lonyaka.

Lo nodweba oneminyaka engu-34 ubudala ube sematheni ngesikhathi ephatha imidlalo yebhola kudstv premiership kanye nemidlalo ye caf champions league ngemuva kwekhefu lakhe elikhulu ngo-2014. uhlonishwa njengomunye wonompempe abahamba phambili eningizimu afrika futhi akayena umafikizolo  kulendima yemiqhudelwano emikhulu njengoba ebeyingxenye yomqhudelwano we-wafcon ka-2022, lapho ibanyana banyana iklonyeliswe khona okokuqala emlandweni wayo njengompetha base-afrika.

U-Akhona uzojoyina abanye onompempe abathathu base-afrika abaqokiwe nabo ukuba babe yingxenye yendebe yomhlaba ukarboubi bourcha wasemorocco, usalima mukansanga waserwanda kanye novicentia wasetogo.