UMnyango wezeMfundo eyisisekelo uzolwa nebullying (ubuxhwanguxhwangu) ezikoleni obungaholela ekumisweni komfundi obenzayo. ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithe, sizokhumbula ukuthi nyakenye kube nokuhlukumeza ezikoleni kumataniswa namacala amaningi okuzibulala kwabafundi abaneminyaka engaphansi kuka-16.
kube nama-video ambalwa asabalale nasezinkundleni zokuxhumana akhombisa udlame phakathi kwabafundi.okuyinto umnyango wezemfundo ongahambisani nayo.
Uphinde wanxusa othisha nezigungu ezilawula izikole ukuthi basebenzise isijeziso esifanele kulabo bafundi abazokweqa umthetho.
"Inselelo enkulu yenzeka lapho abafundi belwa ngaphandle kwamagceke esikole, okuyilapho sinxusa khona namalungu omphakathi okufanele adlale indima yawo futhi anqande imikhuba yodlame ezikoleni ezinganeni ezisafunda." kuchaza u-Elijah Mhlanga womnyango.
UMhlanga uxwayise abazali nabafundi ngokuthi ukuhlukumeza kuwukwephula umthethosisekelo.
“Kulindeleke ukuthi izikole zisukumele phezulu uma umfundi enza ebuxhwanuxhwangu, zibize umzali esikoleni, zixoxisane nomzali noma umgadi wazo bese zimisa ingane noma izingane lapho kudingeka khona. eskoleni." kuphetha umhlanga.