UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube, ushaqekile ethola izindaba zokudlula emhlabeni kwemeya kamasipala wesifunda uGu ukhansela Phumlile Mthiyane esikhathini esingangesonto kudlule emhlabeni imenenja kamasipala.
UMthiyane udlule emhlabeni phakathi nesonto kulandela ukugula isikhashana ngemumva kokuthi ivakashele umndeni wemenenja kamasipala ugu uDkt Michael Sibusiso Ntombela oshone ngomhlaka 14 Januwari 2023.
“Kwenzeke inhlekelele engajwayelekile futhi ebuhlungu kakhulu kumasipala wesifunda ugu. umbani usugadle kabili endaweni eyodwa wasishiya sonke sikhala izinyembezi okuzothatha isikhathi ukuthi zome, kanti nesifundazwe sethu siphatheke kabi ngokudlula emhlabeni isigubhukane kwemeya uMthiyane ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kudlule emhlabeni imenenja udkt ntombela,” kusho uNdunankulu uDube-Ncube.
UMthiyane ufungiswe njengemeya ngo-2021 kwathi uDkt Ntombela waba yimenenja kamasipala ngo-Okthoba 2022.
“Lena yinhlekelele ephindeke kabili igalelo layo liqede ubuholi obuphezulu kumasipala wesifunda ugu ezinsukwini ezimbalwa. besilindele ukuba nemeya kanti ngebhadi unkulunkulu ubenezinye izinhlelo ngaye. uMthiyane ushiya igebe kulesi sifundazwe sethu njengoba ebengomunye wabaholi abasafufusa kuhulumeni wasekhaya, ukudlula kwakhe emhlabeni kungazelelwe kusishaqe kakhulu njengoba bekulindeleke lukhulu kuyena,” kusho uDube-Ncube.
“Bobabili imeya kanye nemenenja kamasipala bebeyinsika ekuqaliseni izinhlelo zokuxazulula izinselelo zamanzi kumasipala wesifunda ugu futhi bebehamba phambili emisebenzini yansuku zonke ukuze kube nenqubekela phambili,”eqhuba uNdunankulu.
“Egameni likahulumeni nabantu baKwaZulu-Zatali sidlulisa amazwi enduduzo emndenini, abangani kanye nozakwabo bekhansela umthiyane, siphinde sithathe leli thuba sidlulise amazwi enduduzo emndenini kaDkt Ntombela oyimenenja kamasipala. sengathi imiphefumulo yabo ingalala ngokuthula kwaphakade,” kuphetha uNdunankulu udube-Ncube.