Imangazile imiphumela ka-matric e-KZN

Imangazile imiphumela ka-matric esifundazweni iKwaZulu-Natali, emenyezelwe wuNgqongqoshe woMnyango weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, mhla ziwu-19 Januwari.

“Lesi siFundazwe simangaze abaningi  ngesikhathi sengimemezela imiphumela kuyangijabulisa ukuthi ngaphandle kwezinselelo esibhekene nazo, izikhulu zoMnyango ziqhubekile nokuqinisekisa ukuthi isiko lokufunda nokufundisa lihamba kahle,ngengoba sithole u-83% kumatikuletsheni ka-2022” kusho uNkk Motshekga.

Kanjalo nezinyunyana zothisha zithe kuzimangazile ukuthi iKwaZulu-Natali nayo yenze kahle ngesikhathi sekumenyezelwa imiphumela kamatikuletsheni.

INatu neNaptosa bathe yize kube nokuphazamiseka kokufunda nokufundisa okube khona esifundazweni ngonyaka owedlule, kodwa othisha basebenze ngokuzikhandla ukubuyisa isikhathi esilahlekile.

UMengameli weNatu, uMnu. Sibusiso Malinga, uthe othisha  kanye nabazali baKwaZulu-Natali basebenze ngokuzikhandla ngonyaka owedlule.

“Besiyilindele imiphumela emihle ngoba othisha basebenze ngokuzikhandla. Yize sihlaselwe yizimo ezifana nezikhukhula nokuvaleka kwemigwaqo, othisha benze konke okusemandleni abo ukuthi isikhathi esilahlekile siyabuya.”

UMalinga uncome neqhaza elibanjwe ngabazali nabafundi. “Ukufunda nokufundisa kuhambe kahle kakhulu. Abazali bebebambisene nathi, kanjalo nabafundi basebenze ngokuzikhandla.”ephetha