SAMUKELISIWE MBONAMBI
Iphini lika nompempe kwiPremier Soccer League (PSL) uMoeketsi Molelekoa usedlulile emhlabeni, lokhu kuqinisekiswe inhlangano yezebhola eNingizimu Afrika iSouth African Football Association (Safa).
Ngokusho kukasoseshini, uMolelekoa ushone engozini yemoto ngoLwesihlanu ebusuku.
“Sizwelana kakhulu nomndeni wakhe ngalesi sikhathi esinzima. Ithimba lonompempe eNingizimu Afrika liphatheke kabi kakhulu ngokulahlekelwa kwalo, sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula.
“Imininingwane ngenkonzo yomngcwabo wakhe neminye imisebenzi ehlobene nayo izodluliswa ngokuhamba kwesikhathi. Imicabango nemithandazo yethu ikanye nomndeni wakhe, abathandiweyo bakhe kanye nabangani” Kusho isitatimende seSAFA esithunyelwe kwabezindaba.
I-PSL iphinde yadlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMolelekoa, iSafa, kanye nezinhlaka zebhola ngobubanzi.
I-PSL ibithula isikhashana ngaphambi kokuba kuqale imidlalo yeDStv Premiership, DStv Diski Challenge, neMotsepe Foundation Championship ngale mpelasonto njengendlela yokumhlonipha.