IRoyal AM isiqedile ukusayinisa umdlali we-Orlando Pirates uMthokozisi Dube

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UDube ujoyine iqembu le Royal AM mahhala ngaphandle kwenkokhelo  ngemuva kokumhlola ikhono lakhe cishe amasonto amathathu kuya kwamane ngaphansi kweso lomqeqeshi u-Abram Nteo.

Lo mdlali  ubengenalo iqembu ngemuva kokushiya iBucs ekupheleni kwesizini edlule kulandela ukubuya kwakhe ebolekiswe kuGolden Arrows.

“UDube ungumdlali omuhle ungishaye umxhwele kulamasonto amathathu kuya kwamane edlule njengoba kade eziqeqesha lapha kanye nathi kanti uyazimisela kakhulu” kusho uNteo ekhuluma nabezindaba.

Akukhona okokuqala ukuthi uDube asebenze noNteo, njengoba iPirates ike yambolekisa amasizini amabili kuBloemfontein Celtic ngo-2015/16 nango-2016/17.

IPirates ibe isimboleka i-Arrows ngesizini ka-2020/21, lapho eqale khona emidlalweni engu-26 yeligi. Ngesizini elandelayo izinombolo zakhe zehla, wadlala imidlalo yeligi eyi-14 ngaphambi kokuthi kuphele ukuhlala kwakhe.

NguMkhize ofonele uDube ukuthi azozama inhlanhla eqenjini.

“Manje uzolinda amathuba akhe lapho edlala khona, kodwa ngiyayithanda indlela azimisele ngayo futhi wenza kahle kakhulu” kwengeza uNteo.

UDube ubehlezi ebhentshini ngesikhathi iRoyal AM ibambana ngo 1-1 neChippa United eChatsworth Stadium ngoMgqibelo.