IsiShayamthetho saKwaZulu-Natali sisingathe ngempumelelo iPhalamende Labakhubazekile ebelandulela ukugujwa kosuku lomhlaba lwabantu abakhubazekile olwaziwa nge International Day of Persons with Disabilities olugujwa minyaka yonke ngomhlaka 3 Disemba. Kanti kulokhu belubanjelwe kuMasipala was’Okhahlamba.
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/01/Picture-6.jpg)
Ngesikhathi sokuhlala kwama Sector Parliaments, ihhovisi likaSomlomo liyaye liqoke abantu abasezigabeni ezahlukene zempilo noma izinhlangano ezibhekela labo abadinga ukusizwa ngezindlela ezahlukene bese lelula isandla ngokusiza leyomikhakha ngaphansi kohlelo lokubuyisela emphakathini(Social Responsibility Program).
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/01/Picture-4png.jpg)
Ihhovisi likaSomlomo selithinte izimpilo zabantu abaningi lenza omkhulu umehluko kubantu besifundazwe saKwaZulu-Natali ngeminikelo eyahlukahlukene.
Kulonyaka kuhlomule inhlangano engenzi inzuzo iThubalethu Protective Workshop esendaweni yaseDukuza ngaphansi kukaMasipala was’Okhahlamba. Lenhlangano isiza abantu abakhubazekile ababalelwa ku 50.
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/01/Picture-5.jpg)
Nakuba lenhlangano ithola uxhaso lukahulumeni kodwa kuye kwabonakala ukuthi iyadinga usizo olwengeziwe olufana nefenisha kanye nokunye kokusetshenziswa kuso isikhungo.