IsiShayamthetho  saKwaZulu-Natali sizibophezele ukusebenzisana nomkhakha wabantu abakhubazekile

IsiShayamthetho saKwaZulu-Natali sizibophezele ukusebenzisana nomkhakha wabantu abakhubazekile. Lokhu kugcizelelwe uSomlomo wesiShayamthetho, saKwaZulu-Natali uMhlonishwa uNontembeko Boyce, ngesikhathi kuhleli iPhalamende Labantu Abakhubazekile, eBergville ngaphansi kwesifunda  Uthukela,ngoLwesihlanu lomhlaka 2 Disemba 2022.

Ukuhlala  kwePhalamende Labakhubazekile bekuhanjelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube  kanye nesigungu sakhe esiphezulu kuhulumeni, iMeya yoMkhandlu Ukhahlamba, ukhansela VR Mlotshwa, abavela kuwo umkhakha wabakhubazekile, abefundisi, amakhosi, izinduna,kanye nomphakathi wendawo.

Ethula inkulumo yakhe yokuvula iPhalamende Labakhubazekile, uSomlomo ubonge ukuhlinzekwa ngendawo ekwazi ukungenisa wonke umuntu ngaphandle kokucwaswa.

USomlomo uthe, isiqubulo sePhalamende Labakhubazekile  salonyaka sithi “Sidlondlobalisa abantu abakhubazekile ngokubahlinzeka ngendawo esimeme nephephile”. Ube esebonga uMkhandlu was’Othukela ngokuhlinzeka ngendawo yokuhlala kwePhalamende engacwasi ngoba nabo abakhubazekile bakwazile ukungena kahle ngaphandle kwenkinga.

Eqhuba uSomlomo uthe, ukucwaseka kwabantu abakhubazekile angeke kuqedwe uhulumeni eyedwa kodwa nawo umphakathi kumele udlale indima yowo, yokungabacwasi , njengakho ukuthi babizwe ngamagama anezici.

Ebhekisa kuhulumeni kanye nakoMasipala, uSomlomo uthe abantu abakhubazekile akumele baphile ngesibonelelo sikahulumeni nje kuphela kodwa kuyadingeka ukuthi bavulelwe amathuba okuqashwa kanye nawokubamba iqhaza kwezamabhizinisi njengabo bonke abantu.

USomlomo uphinde wezwakalisa ukuthi umkhankaso wokubungaza abantu abakhubazekile kumele uqhutshwe unyaka wonke njengoba nabo beyisiShayamthetho bezibophezele ukulekelela ngaphansi kohlelo lokubuyisela emphakathini.

“Ngaphansi kohlelo lukaSomlomo lokubuyisela emphakathini siyisiShayamthetho, sizongenelela silekelele abantu abakhubazekile ngoba siyaqonda ukuthi nabo bayawadinga amathuba angcono azokwazi ukuthi bathole zonke zidingo zabo.” Kugcizelela uSomlomo.

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube ube esethula umbiko wakhe omayelana nezinqumo ezathathwa kwiPhalamende Labakhubazekile lango 2021, waphinde wabika mayelana nohlelo oluqhubekayo lokuthuthukisa intsha ekhubazekile ngolwazi lwamakhono azokwazi ukubalungiselela ukuthi nabo bakwazi ukuqasheka.

“UHulumeni waKwaZulu-Natali uhlabe ikhwelo lokuthi wonke umuntu afake umfutho ekutheni kubhekelwe abantu abakhubazekile ngezinto eziphathekayo ezizokwazi ukuthi nabo basimame, futhi umphakathi kumele uzifundise ukuhlonipha amalungelo abantu abakhubazekile.” Kusho uDube-Ncube.