Ithimba labaLimi besifazane baseMgababa ISiyaphambili Womens Club benza umehluko, lokhu kuvele esitatimendeni abasithumele sithe, Ikilabhu yaseNgadini eMgababa isiphenduke umthombo wobungani, ubudlelwano kanye nokufundisa kubalimi besifazane abawu-11.
Bekhuluma nephephandaba bathe, Intokazi ngayinye ibanendawo yayo lapha betshala khona imifino abayisebenzisela ukondla imindeni yabo baphinde bayidayisele umphakathi wendawo ukuze baziphilise. Njengengxenye yemizamo eqhubekayo yakwaShoprite yokuhlinzeka emiphakathini edinga usizo
Umthengisi omkhulu e-Afrika usize iklabhu ngezinsizakusebenza zengadi ezihlanganisa amathuluzi ukulima, izithombo, imbewu kanye nomquba. Njengoba ukuthola amanzi endaweni kuyinselelo iShoprite nayo ibamba iqhaza kuhlanganisa nezinyanga eziwu-18 zokuqeqeshwa kwamalungu abalimi.
“IShoprite isinikeza ithemba uma bekhombisa ukukuthakasela esikwenzayo kufakazela ukuthi iyakholelwa kwesikwenzayo uma siqhubeka nokusebenza kanzima singafika kude.” Kuchaza uNonhlahla Mkhize omunye wabasunguli be Garden Club. Loluqeqesho lusisize saqonda izindlela zokutshala ezahlukene njengokutshala iklabishi, no-anyanisi kusifundise ukusebenzisa lokho esikunikwa yimvelo kanjalo nalokho esinakho, kuso uMkhize.
Empeleni zonke lezintokazi zineminyaka esukela ku-40 kuye ku-70 ubudala futhi zonke sezikhulile zifundisana zodwa umsebenzi. Ukuvikeleka kokudla kuyingqikithi yezinhlelo zeShoprite Group zokutshala izimali emphakathini futhi kungenye yezinto ezibalulekile ekuxhaseni kwayo izingadi zokudla ezingaphezu kuka-180 nezasekhaya ezingaphezu kuka 3500, cishe abahlomuli abangu 53 000 ngonyaka odlule.
Angaphezu kuka-2 700 amalungu omphakathi aqeqeshelwa ukulima izingadi nokuwasiza ukuthi atshale ukudla okunomsoco. Zihlinzeka ngezidlo eziwu-100 000 kanye nesivuno esingaphezu-31 500 kg. ephetha