SAMUKELISIWE MBONAMBI
INational Energy Regulator of South Africa (NERSA) ngoLwesine oludlule inikeze u-Eskom igunya lokwenyuswa intengo kagesi ngo-18.65%.
U-Eskom ucele ukunyuselwa amanani ngo-32%. Imemezela isinqumo sayo, i-NERSA ithe ukunyuka ngo-18.65% kuncike emalini egunyazwe ukuthi ibe ngu-146.48c/kWh onyakeni wezimali ka-2022/23.
“Imali engenayo egunyazwe yi-NERSA ingu-R334bn ngonyaka wezimali ka-2024/25, okusho ukuthi intela engu-195.95c/kWh iholele ekwenyukeni ngo-12.74% okusekelwe ku-173.80c/kWh kwintela egunyazwe yi-NERSA kunyaka ka-24023/2023 wezimali.”
“Isinqumo sisukela olwazini esinalo kanye nokuhlaziywa kwesicelo se-Eskom sesihlanu se-Multi-Year Price Determination (MYPD5) sonyaka wezimali ka-2023/24 kanye no-2024/5”, kusho i-NERSA.
Okhulumela i-NERSA, uCharles Hlebela, esitatimendeni uthe “Imali engenayo evumelekile kumele ibuyiswe kumakhasimende entela ajwayelekile ka-Eskom nalawo angajwayelekile lokhu kususelwa emigomeni yentela egunyazwe ngaphambilini kanye nezinhlaka zisebenzisa i-Eskom Retail Tariff Structural Adjustment (ERTSA) Methodology, njengoba kuvunywe yi-NERSA.”
“Ngonyaka wezimali ka-2024/25, u-Eskom ufake isicelo semali engu-R381 billion, okuhlanganisa nama-RCA kanye noxhaso lukahulumeni, njengokusho komyalelo wenkantolo. Imali engenayo egunyazwe yi-NERSA ingu-R352billion ngemuva kokucubungula ukulungiswa kokungasebenzi kahle nokubheka i-RCA ngokwesinqumo se-Energy Regulator sangomhla ziyi-14 December 2022,”
I-NERSA igunyaze isamba semali engenayo engu-R300 wezigidigidi zonyaka wezimali ka-2023/24, okusho ukuthi intela engu-173.80c/kWh.
“Imali engenayo egunyazwe yi-NERSA ingu-R334 billion ngonyaka wezimali ka-2024/25, okusho ukuthi intela engu-195.95c/kWh, okuholele ekukhuphukeni ngo-12.74% ngokusekelwe ku-173.80c/kWh I-NERSA egunyazwe intela ka-2023/2023/ 24 ngonyaka wezimali,” kusho umlawuli.