UMnyango wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi Amancane usebenzela phezu kohlelo lokulekelela ngogesi kumabhizinisi amancane, aphakathi amancane kakhulu(ama-SMME) nababambiqhaza ukuze kuncishiswe umthelela omubi wokucishwa konga kukagesi (load shedding)emabhizinisini amancane.
Ama-SMME athinteke kakhulu ngokuqhubeka nokunqamuka kukagesi njengoba abaningi bengakwazi ukuthenga enye imithombo yamandla njengama generator nabagcina sebephoqeleka ukuthi bame kancane ukuhweba ngesikhathi sokucishwa kukagesi lokhu kwenza ukuthi abanye osomabhizimusi abancane bagcine sebethengisa impahla ebolayo efana nenyama kanye nezithelo ngentengo ephansi ukuze zingaboli okubangela ukuthi bagcine sebethola imali encane.
Lokhu sekwenze uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi Amancane uStella Ndabeni-Abrahams, asebenzisane nethimba lakhe ukuthola izisombululo ezinganciphisa umthelela wokucishwa kukagesi emabhizinisini amancane.
UNgqongqoshe uyalele i-Agency yokuThuthukiswa kwamaBhizinisi Amancane (i-Seda) kanye ne-Agency yezeZimali zamaBhizinisi Amancane (i-sefa) ukuthi basebenzisane ngokubonisana nababambiqhaza abehlukene ngaphakathi nangaphandle kukahulumeni mayelana nohlelo lokusiza ngogesi.
“Inhloso yethu wukuthola izisombululo ngokushesha ezingathathwa ngokushesha ukuze kugwenywe imiphumela eyingozi, njengokuvalwa kwamabhizinisi amancane nokulahleka kwemisebenzi emkhakheni wama-SMME. Lo mkhakha usalulama emiphumeleni ye-COVID-19 ngeke sikwazi ukulahlekelwa amanye amabhizinisi nemisebenzi,” kusho uNdabeni-Abrahams.
I-SEFA yenze ucwaningo ngomthelela wokucishwa kukagesi kumakhasimende ayo axhaswe ngemali, futhi okulandelayo kube yimiphumela ebalulekile:
• Iningi labaphendulile liveze ukuthi lithembele kakhulu kugesi ekusebenzeni kwalo;
• Cishe u-71% wabaphenduli baveze ukuthi bathinteke kabi ngokucishwa kukagesi; futhi
• Iningi labaphendulayo lizodinga omunye umthombo wamandla ukuze liqhubeke nemisebenzi yalo.
Imininingwane yephakheji, imibandela kanye nezindlela zokufaka isicelo sokukhululwa kuzomenyezelwa maduze.