Ukubuyela ezikoleni kube yimpumelelo eKZN

THOBILE MBATHA

Ukubuyela ezikoleni kube yimpumelelo eKZN mhla ziwu-18 Januwari kube enkulu impumelelo koThisha kanye nakubafundi esiFundazweni sakwa-Zulu-Natali sibe sesikhuluma noThishanhloko kanye noThisha basesikoleni esiseMkhumbane eMayville i-Wiggins Primary School.

uThishanhloko wakulesisikole esingaphansi kwesiFunda uMlazi uNkzn. Mhlongo ekhuluma nephephandaba lomphakathi i-KZN Namuhla uthe, “sijabule kakhulu ukubona lonyaka ka-2023 saphinde sababona othisha bebuya ngobuningi babo bezoqhuba umsebenzi wabo wokuthuthukisa intsha esilindele kuyo ikusasa elihle, sibonge naseMnyangweni wezeMfundo abantwana bazitholile izinsiza kusebenza njangoba kuqala unyaka. Siyazi ukuthi abanye abantwana abanabazali ngakho kuyabasiza ukuthola izincwadi esikoleni kanye nokunye okusiza ekutheni bafunde kahle nabo bazizwe befana nabo bonke abantwana abasesikoleni” kuchaza uNksz. Mhlongo.

ISITHOMBE: UMnu. Mbatha oyiPhini likaThishanhloko eWiggins P. School isithombe sigciniwe ekhasini lesikole laFacebook

IPhini lathishanhloko uMnu. Mbatha uthe, “kuyintokozo enkulu ukubuya endaweni yokuthuthukisa abafundi ngeMfundo yabo eyikusasa labo, sibabonile babuyile kahle esikole siyathemba lonyaka uzobamuhle kakhulu ngokusebenzisa kahle okuzobakhona phakathi kwethu nabazali kanye nothisha.engizokucela kakhulu ukubambisana kuqhubeke ukuze ikusasa labafundi liqhakaze”.echaza.

SITHOMBE: UNksz. Mkhwanazi oyinhloko yothisha (H.O.D) eWiggins P. School

Siphetha inkulumo sixoxisane noNksz. Mkhwanazi oyinhloko yoMnyango (H.O.D) ubeke kanje, “Konke kuwumusa kankulunkulu ngibona sizowuqala kahle unyaka nabafundi babukeka bephilile futhi benomndlandla siyathemba ukuthi sizowuphusha lomsebenzi sbambisene size siyophetha unyaka ngomusa kankulunkulu.” ephetha