UMhlonishwa uHlengiwe Mavimbela uqokelwe esikhundleni esisha esiShayamthetho sokuba uSihlalo woziHlalo bamakomidi esiShayamthetho saKwaZulu-Natali.
Lokhu kuza emuva kokuthi lowo obenguSihlalo woziHlalo uMhlonishwa uSiboniso Duma eqokelwe esikhundleni sokuba uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo, KwaZulu-Natali.
UMhlonishwa uMavimbela uyilunga lesiShayamthetho saKwaZulu-Natali kusukela ngonyaka ka 2019. Ubekade enguNgqongqoshe wezoBuciko, Amasiko, Ezemidlalo kanye Nezokungcebeleka ngaphambi kokwenzeka kwezinguquko kwikhabhinethi yesiFundazwe ngoMeyi 2022.
Mayelana nesikhundla sakhe esisha sokuba uSihlalo woZihlalo, uMavimbela uthi uzohlela amaWorkshop okucija amakomidi ngolwazi olunzulu ukuze amalungu amakomidi esiShayamthetho aqhube ngempumelelo umsebenzi wabo wokuqapha ukuphathwa kwemisebenzi kahulumeni yokulethwa kwezidingo kubantu njengokuyalelwa izinkulumo zikaMongameli kanye noNdunankulu ezethulwa uma kuqala unyaka.
UMavimela ugcizelele nokuthi uzoqinisekisa ukuthi akukho ukushayisana emihlanganweni yamakomidi ebhekele ukuqapha imisebenzi kahulumeni eyenziwa amalunga esiShayamthetho. Uphinde wathi uzoqinisekisa ukuthi imibiko iyethulwa kubantu uma kuyiswa isiShayamthetho emphakathini mayelana neziphakamiso ezisuke zenziwe ngesikhathi isiShayamthetho sihambela imiphakathi.
Okunye uMavimbela uthi kunezinhlelo zokusebenzisana namanye amazwe angaphandle enza kahle kuziShayamthetho zawo,ngenhloso yokuthekela ulwazi olungasiza ukwenza ngcono umsebenzi wamakomiti.
Ephetha uMavimbela uthi uzoqinisekisa ukuthi wonke amakomiti enza umsebenzi wawo ngendlela efanele futhi abamba imihlangano nyanga zonke, ukuze aqaphe imisebenzi yesigungu esiphezulu ngenhloso yokunika izeluleko kanye nokuthi athole izimpendulo.
.