SHEILA MHLONGO
USomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natali uMhlonishwa uNontembeko Boyce, ubonge abafundi kanye nothisha, ngesikhathi kunomcimbi wokubungazwa kwabafundi bakamatikuletsheni abaphumelele, obubanjelwe endaweni yaKwaMpumuza ngaphansi kwesifunda uMgungundlovu ngoLwesihlanu lomhlaka 27 Januwari.
Ethula inkulumo yakhe uSomlomo ubonge Inkosi yesizwe saKwaMpumuza ngokumema isiShayamthetho ukuba sibe ingxenye yokuzothamela umcimbi wokuhalalisela abafundi ngempumelelo yabo.
“Egameni lesiShayamthetho saKwaZulu-Natali, sithokoze kakhulu ukwamukela isimemo sokuthi nathi sibe ingxenye yalomcimbi futhi lokhu kusibonisile ukuthi, nebala ziyabuya emasisweni, ngoba abaholi bethu boMdabu bayaqhubeka nokubhekela izindaba zokuthuthukiswa kwemiphakathi njengoba kwakuvele kwenzeka ngezikhathi zangaphambi kokufika kwenqubo yababusi baseNtshonalanga”. Kusho uSomlomo.
Eqhuba inkulumo yakhe uSomlomo uthe, imfundo izohlale ibamba iqhaza elibalulekile ekuthuthukisweni kwezizwe zonke, njengoba nabafundi bebehaya izibongo zamaKhosi angaphambili okuyizinkomba zokubaluleka kwendlela yokuxhumana.
“Ngesikhathi abafundi behaya izibongo zamaKhosi angaphambili basifundisile ngokubaluleka kokuthuthukisa ulwazi lwethu ukuze sazi indlela okumele sixhumane ngayo singabantu abaphila esikhathini samanje”. Kuchaza uSomlomo.
USomlomo ube esekhuthaza abafundi ukuthi uma sebeya ezikhungweni zemfundo ephakeme bangakhohlwa ukuthi abazali babheke lukhulu kubona njengoba sebethembe ukuthi ibona asebeyophendula imithandazo yabo uma sebephumelele. Ngakho kumele baphokophele ukufeza amaphupho abo.
uSomlomo ubonge othisha bendawo yaKwaMpumuza kanye nezigungu ezengamele izikole, wanxusa uMnyango wezeMfundo ukuba wenze izikole zibe indawo ephephile yokufundela.
Ephetha inkulumo yakhe uSomlomo, uthe nakuba isiShayamthetho singenawo amandla ezimali okuxhasa izikole kodwa ngohlelo lokubuyisela emphakathi sebekwazile ukweseka ezinye zezikole, wabe esethembisa uxhaso lwemali engu- R34 500 ukusiza abafundi abahlonziwe abangu 69 nge-Data. Kanye noxhaso lwama Laptop kubafundi abangu 5 abaphume phambili ngo- 100%.
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/01/Picture-1.jpg)