SAMUKELISIWE MBONAMBI
Osomabhizinisi abazimisele ngokuthola izinkontileka ezinemali eningi njengabahlinzeki bezimpahla nemisebenzi kuHulumeni ezweni lonke bayanxuswa ukuba baqaphele izigebengu ezisebenzisa lokhu njengethuba lokuziqola.
Amathenda avamise ukuhlanganisa imikhakha eyahlukene futhi ayahlukahluka ngobukhulu bezinkontileka ezitholakalayo, okuwenza akhange kuma-SME amaningi asalulama ekukhahlamezweni iCovid-19 kwezezimali .
URoshan Jelal, oyiNhloko yezokuKhwabanisa kwa-FNB Commercial uthi, “Imikhonyovu yamathenda isalokhu ingenye indlela ehamba phambili ebhekiswe kumabhizinisi nabantu abadukiswayo bakholelwe ukuthi banikezwe ithenda kuhulumeni. Abakhwabanisi bavame ukuzenza iminyango kahulumeni futhi ngokukhwabanisa bathola ukufinyelela kudatha yenkampani, imininingwane yasebhange, izimpahla nezinkonzo ngokudukisa amabhizinisi ukuze akholelwe ukuthi bathole ithenda”
Abakhwabanisi abazenza izikhulu ezivela ezinkampanini zikahulumeni, iminyango kahulumeni, omasipala, izibhedlela zombuso, noma ezizimele bazoxoxisana nosulu ukuze bathole amathenda okuhlinzekwa kwemikhiqizo eyingqayizivele.
UJelal uthi ezikhathini eziningi, izisulu zale mikhonyovu yamathenda kuba ngamabhizinisi amancane asaqalayo futhi awanalo ulwazi olutheni mayelana nohlelo lwamathenda. Kwezinye izimo, abanikazi bamabhizinisi bavame ukuvikela imali ebolekiwe ngokwamandla abo, noma baboleke imali kozakwabo ebhizinisini, abangani, nomndeni, ukuze bathole ithenda, babashiye esimweni esibi kakhulu kwezezimali.
Amabhizinisi akhuthazwa ukuthi anake lokhu okulandelayo:
• Qaphela izicelo nezingelona iqiniso zokuthola inkontileka.
• Uma ungumhlinzeki wempahla kaHulumeni uma uthola isicelo sokucaphuna noma ukufaka ithenda, kuhle ukuthintana nomnyango ukuze uqinisekise isicelo.
• Vakashela iwebsite yethenda kahulumeni ukuze uthole ulwazi mayelana nenqubo yokufaka amathenda.
• Phenya izicelo zokukhokha kusenesikhathi kanye neziphuthumayo – lokhu kufanele ngaso sonke isikhathi kuthathwe njengefulegi elibomvu.
“Osomabhizinisi asebeyizisulu zalolu hlobo lokukhwabanisa kufanele bathinte ibhange labo ngokushesha ukuze libasize ukuthi bamise noma yiziphi izinkokhelo, uma kungenzeka, ngokushesha. Amakhasimende akwaFNB kufanele athinte iFNB Fraud Contact Centre ngokushesha ku-087 575 9444. Isikhalo sobugebengu kufanele sifakwe nakwaSouth Africa Police Service (SAPS),” kuphetha uJelal.