THOBILE MBATHA
Izikole eziningi KwaZulu-Natali zisakhungethwe ukushoda kwengqalasizinda uNdunankulu wakwaZulu-Natali, uNomusa Dube-Ncube,uxoxisane nabafundi besikole
Ngokusho kwesitatimende sithe, bebehambisana noNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga naye ubenenkulumo wathi, izikole eziningi KwaZulu-Natali zinezinkinga zengqalasizinda kusukela eminyakeni yobandlululo kwaphinde kwahlasela izikhukhula ngonyaka ka-2022 nazo zacekela phansi izikole eziningi kwaZulu-Natali..
Ubekhuluma eMlazi eThekwini, lapho ebevakashele khona isikole samabanga aphansi ngosuku lokuqala onyakeni wokufunda ka-2023 ezifundazweni mhla ziwu-18 Januwari.
Ubalule ukuthi isikole samabanga aphansi iNkonkoni sisenophahla lwe-asbestos, kodwa uhulumeni usenemali eyanele yokusipenda ukuze kuvikelwe impilo yothisha nabafundi.
“Okunye okungekuhle isikole samabanga aphansi saKwaZukumnandi asinayo nendawo yokuthi izingane zidlale.” echaza