Ongoti baxwayisa ngama-ulcer ukuthi ayingozi futhi ayabulala

THOBILE MBATHA

Ongoti bezempilo baxwayisa ngezilonda phecelezi isifo sama-ulcer kubikwa ukuthi sihlasela abantu abaningi kanti ayabulala awakhethi ubulili kanye nobudala sihlasela nentsha lokhu kuvele ngesikhathi omunye woNgoti beMpilo evakashele esinye seziteshi ezochaza ngalesi sifo, imbangela yaso kanye nokunye okuningi okuchaza lesifo esesiyinsakavukela kubantu bakuleli.

Echaza ngalesifo uthe sidalwa i-acid eningi emzimbeni womuntu kwayona ebangelwa ukuphuza kakhulu amaphilisi ahlukahlukene, ikakhulukazi abaphila nezifo ezingomahlala khona abahlala bephuza amaphilisi empilweni yabo bayazithola sebephila nalesifo ngoba ukuphuza imishanguzo ethize njalo kugcina sekudala izilonda emathunjini kanjalo nentsha siye siyibone ingena emakhemisi ithenga amaphilisi ahlukahlukene afana nama-Cipla Actin abeka  engcupheni impilo yabo bazithole sebephila nesifo sama-ulcer. esho

Uthe, izimpawu zalesifo uma ungakanaki ukuthi uphethwe yiwo kuyaba ukubuyisa emva kokudla kungahlali esiswini, izinhlungu ezingajwayelekile esiswini kushise ngemumva phecelezi back pain kanye nokubuyisa igazi ngoba uma esemakhulu.ayingozi kakhulu emntwini.

Inkinga enkulu ukuthi alimaza izinto eziningi.ngaphakathi kanti ukudla ongakugwema uma unezimpawu zalesi sifo ilezi ezilandelayo: upelepele, ukudla okufana nekabishi,ubhontshisi, imayonnaise kanye namaspices ahlukahlukene. Nginxusa umphakathi ukuthi uzinakekele ngoba ama-ulcer ayingozi futhi ayabulala. ephetha