UNgqongqoshe uhalalisele abahlomuli bezibonelelo abaphumelele kwaMatric

THOBILE MBATHA

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz. Lindiwe Zulu uhalalisele abahlomuli bezibonelelo zahulumeni abaphumelele kuMatikuletsheni wabo wonyaka ka-2022.

Echaza esitatimendeni uthe, yize kuke kwaba nezingqinamba zezikhukhula okuhlanganisa nobhubhane lwe-COVID-19.

Uphinde wedlulisa amazwi okubonga kubazali, abanakekeli, abasebenzi bezenhlalakahle, othisha, izigungu ezilawula izikole, kanye nezinhlaka zomphakathi ezidlale indima ebalulekile ekuqondiseni ikilasi lika-2022 ukuze lifezekise futhi lifeze amaphupho abo.

“Sifuna ukuthatha leli thuba ukukhuthaza abafundi abangaphasanga ukuthi bahlale benethemba futhi bangathuki noma balahle amaphupho abo. Kungalesi sikhathi lapho imindeni nabangane kufanele babonise ukusekana.

“Kulabo imiphumela yabo ebingemihle njengoba bekulindelekile, bangapheli amandla ngoba maningi amathuba asekhona ukuze baphumelele.

Ulwazi, izeluleko,mayelana nokuthi yini okumele bakwenze ngokulandelayo ziyatholakala futhi ngizonxusa abafundi ukuthi bawasebenzise ngokugcwele amathuba ukuze bathuthukise imiphumela yabo.”esho.