THOBILE MBATHA
Cishe kwaphuma isidumbu esikoleni kubangwa amadeski, kusolwa ukushanywa kukathisha waKwa-Zulu-Natali ngesikhathi ezama ukungenelela empini equbuke phakathi kwabafundi ngenxa yokushoda kwamadeski.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithe, Lesi sigameko senzeke eSkofill Secondary School eBulwer esiFundeni iHarry Gwala. uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natali, uNksz. Mbali Frazer usigxekile lesi sigameko wathi kumele kulethwe isibalo esidingekayo samadeski nezihlalo esikoleni ngaphambi kokuphela kwenyanga kaFebhuwari.
Ngesikhathi benomhlangano nabamele isikole uFrazer utshelwe ukuthi isikole sishoda ngamadeski. Lokhu kubikwe ukuthi yikho okudale ukungezwani phakathi kwabafundi njengoba kuthiwa bebebanga amadeski. Isikole kubikwa ukuthi sihlulekile ukucela amanye amadeski eMnyangweni wezeMfundo esiFundazweni. Ngaphezu kwalokho kubikwa ukuthi yehlulekile ukwazisa umnyango ngezindaba eziningi zokulungisa ezihambisana nobugebengu nokucekelwa phansi.
“Akekho umfundi okumele azizwe edikibala ukuya esikoleni ngenxa yokushoda kwamadeski nezihlalo kanjalo futhi akuzona izinto ezinhle kithi njengomnyango ukubona noma ukuthola izindaba zokuthi sekungacishe kulimale noma kuphume isidumbu ngenxa yokushoda kwezinsiza kusebenza esikoleni.” Kuphetha uFrazer