THOBILE MBATHA
IMeya yeTheku ihlele ukuxazulula izinkinga zamanzi esibhedlela saseMlazi iPrince Mshiyeni Memorial ekuqaleni kwenyanga kaFebhuwari. UKaunda uhambele lesibhedlela ukuyoxoxisana nabaphathi ngezinkinga zamanzi ezidalwe ukuqhuma kwepayipi eMlazi.
Ngokusho kwesiye seziteshi somsakazo sithe, Lokhu kuza ngemuva kokuthi kuqhume ipayipi eduze kwasehostela iGlebelands, izindawo ezakhelene nazo zingenamanzi kusukela ngoLwesihlanu lokuqala enyangeni kaFebhuwari.
UKaunda uthe, onjiniyela bedolobha bebephansi phezulu belungisa ipayipi okubathathe izinsuku eziyishumi, yikho konke okumenze wahambela isibhedlela ukuyoxoxisana nabaphathi nangezingqinamba ababhekene nazo esibhedlela.
“Siphakela isibhedlela amathangi amanzi ukuze agcwalise amadamu aso amabili ukuze sisebenze ngaphandle kwezingqinamba, ulinganise ukuthi ukugcwaliswa kabusha kwamadamu kudinga amathangi amanzi angaba u-55. Sibhekene nepayipi le-asbetos elidala elivuzayo futhi kunezinhlelo zokuthi kususwe ipayipi okuyimanje liphansi kwebhuloho eliku South Coast Road ngaphambi kwe-Lamontville.
Lapho lelipayipi likhona njengamanje lisinikeza izinselelo njengoba lithinta ukwakheka kwebhuloho. Ipayipi lingaphakathi kwebhuloho ngakho sibona kubalulekile ukuhlenga izimpilo zabantu. Sekuphele izinsuku esiyikhombisa siphusha onjiniyela ngoba sifuna ukusheshisa ukuze kubhekwe nokunye okudinga ukungenelelwa. Izindawo ezithintekile zihlanganisa izimboni, ihostela iGlebelands kanye nezingxenye zaseMlazi kwa-V. konke lokhu kungenxa yokuguga kwengqalasizinda.” Kusho uKaunda.
“Nginesiqiniseko sokuthi imiphakathi, osomabhizinisi kanye nezibhedlela bazobe besebenza ngokugcwele futhi nezinsiza zabo zizobuyiselwa ngesikhathi esibekiwe.” Kuphetha uKaunda.