Umbono kaNkk.Thulile Majola eNkandla uthe, “Lento yezethembiso ezingafezwa uHulumeni wethu yenza ngingabe ngisamnaka uMengameli sebedlale ngathi kakhulu oSopolitiki babukisa ngathi bashintshana ngezikhundla kodwa thina esivotayo asizuzi lutho yikho phela ngoba nathi bavoti asifuni ukuhluzeka emqondweni ngoba ukube kunjalo ngabe siyamshintsha loHulumeni ophethe sinike abanye ithuba bakithi asisenawo nje umndlandla wokunaka lezinto ezenzeka ezweni lethu ngoba izwe lobuxoki nobuqili kodwa konke lokhu kwenzeka ngenxa kaMongameli wethu ngiqalekisa i anc kuphele nya ngayo ama South Africans ayahlupheka ngaphansi kwaleliqembu I scam party lesi awakwazi ama South Africans kuhlupheka kangaka ebe ephethwe uhulumeni omnyama.
Ngimzwile ekhuluma indaba kagesi yazi ezindawen eziningi kunaleyonkinga, futhi ngeke iphele leyonto uma uhulumeni esavumela lento yamatender ngoba isizathu esenza amanzi angaphumi kompompi ukuthi labantu bamawater tankers bazolamba ngakho kwenziwa ngamabomi ukuze kudle obhululu babo ngamaloli amanzi.”
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/02/NOMPILO.jpg)
Umbono kaNksz. Nompilo Zulu kwaMaphumulo uthe, “Bengilindele ukuthi umengameli uzosho ukuthi kudlalelwani ngabantu bathenjiswe uR350 kukhona abangakaze bawuthole kusukela ekuqaleni kwawo, qede lapho kuthiwe re-apply kubuye inguzunga kaDecline njengoba kuthiwa isinyukele ku-R650 cha bazodla kahle abasebenzi bakwaSassa nabaphathi babo bayayitamuza belambisa abantu amaqili agweve ephalamende ahlalele ukweba.
Sikhala ngamanzi nogesi kodwa usitshele indaba yehhovisi nje wabuye washo ukuthi ayikho iplan ekhona okusho ukuthi sizobona ngonyaka ozayo kuzolungiswa konke bazobe sebephendlela ivoti ngoba lelizwe emakhaya kodwa mabezowadayisa bangena egcekeni ngoba ukube lento yenzeka before 1994 ngabe kuthiwa racism lento yokushintshwa njalo koNgqongqoshe iyinkinga futhi ukusebenza kweminyango ngoba akuxhumaneki nayo kwazise uthi usazama ukuthola usizo komunye uthole useshintshiwe sekufakwe omusha ozofika aqale phansi afunde nendlela okusetshenzwa ngayo. Kumanje sifuna uCOGTA KZN asitholi ngisho inhloko yoMnyango kodwa ngapha sibhekwe umlomo wesibhamu ngenxa yokubika izinkinga ezenziwa ngabathile asinamandla okuzilwela into ekhulunywe umengameli angihambisananga nayo futhi angiyizwanga.”
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/02/NTOBE.jpg)
Umbono kaNtobeh Mpanza Eshowe uthe, “Ayikho into ekhulunywe uhulumeni we ANC ezoshintsha izwe, ngeke abantu asebephathe imnyaka babulala izwe sebethembisa ukulishintsha manje ngiyala. Uyazi kuyamangaza ukuthi kusekhona abantu abathemba ukuthi kukhona okungcono azokwenza ngogesi u Ramaphosa ngoba yikho sinenkinga yagesi kodwa ikhambi alishilo ngilibone lifana nengoma endala nje.
Mhlazane kuzokhuluma yena ugesi awuhambanga okukhombisa ukuthi kudlalwa ngathi nakhokonke akukhulumile angikwethembi. angisazihluphi ngenkulumo kamengameli sihlale sitshenwa into eyodwa engenzeki amathuba omsebenzi ukuqedwa ubugebengu kodwa abantu babulawa nsukuzaphuma futhi sisazobabaza kuyeza kukhulu kulelizwe elingasenamthetho.”
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/02/THEMBEKA.jpg)
Umbono kaThembeka Mvuyane eBhamshela uthe, “Ngixakwa yilaba oNgqongqoshe akakhulume ngabo kanti bafundele yonke imisebenzi yini njengoba besuka kuloMnyango beyophatha omunye, yingakho izwe lingayi phambili siphethwe abantu abangenawo amakhono nenkulumo kaMongameli ayisho lutho vele izwe lifile angeke lisalungiseka sesilinde ukuthi sidlane sodwa njengokusho kwebhayibheli abantu bayafa indlala. Indaba yamanzi ijule kakhulu kukhona nalapho evalwa khona ngamabomu ukuze kuzuze abanikazi bama water tanks yabona nje lohulumeni wethu angiwufisi, la eThekwini abantu abantshontsha ama cables kagesi abantu abanama tender okulungisa ugesi. Siyavuma indaba yamanzi iyinkinga kodwa manje ngathi sekwadlulele kakhulu angeke phela sikhale ngamanzi sonke eKZN ayibhekwe lendaba yamanzi.
Siyazibuza ukuthi lona azomfaka ehhovisi ekulawuleni nasekusebenzeni kwe-Eskom, ngabe ubakhathalele yini abantu baseNingizimu Afrika? Ngabe lokhu kusho ukuthi bonke ongoti, onjiniyela; izikhulu eziphezulu neziphathimandla kuhulumeni bayehluleka ukuthola isixazululo sokuthi i-Eskom iqede ukucishwa kukagesi? Okucacayo njengamanje wukuthi kusekude ukufukula umnotho wezwe uma kusanzima ukuxazulula izinkinga ze-Eskom namanye amabhizinisi aqumbeke phansi ngenxa yokungaphathwa ngendlela nenkohlakalo.”