THOBILE MBATHA
Imbongi yaseMlazi, eNingizimu yeTheku, iqophe umlando ogama layo lokuzalwa uNqobile Msawenkosi Duma odume ngeleNqanawe Yangempela, ubhulele uMengameli wezwe amazolo ngaphambi kwenkulumo yakhe ebilindwe yizakhamuzi ngabomvu.
Ekhuluma nabezindaba uNqanawe uthe uswele amaphiko okundiza ukukhombisa ukuthi ujabule kangakanani ngengqayizivele yethuba alitholile. “Lokhu kuyakhombisa ukuthi umsebenzi wobuciko engiwenzayo bakhona abawuthandayo nabawuhloniphayo, ngakho ngijabule kakhulu ngaleli thuba ngoba lizongivulela iminyango eminingi ngokuzayo,” kusho uNqanawe.
Le mbongi esibongele osaziwayo abaningi abanjengoDj Hlo, umsakazi woKhozi FM uTshathugodo neSilo samaZulu uMisuzulu, ngama-video ewafaka ezinkundleni zokuxhumana, ithe impilo yayo ngeke iphinde ifane.
“Leli thuba libe yisiqalo sezinto ezinhle kimi ikakhulu ngoba sekukaningi ngingqongqoza eminyangweni eminingi kungahlangani,” kuphetha uNqanawe wodumo lwenkondllo ethi Gabi Gabi.