SAMUKELISIWE MBONAMBI
UHulumeni usebenzela phezu kokuthuthukisa inkombamgwaqo yakwa-Transnet, lolu hlelo luzobonisa nokwakhiwa kwendlela yengqalasizinda eyehlukile yenethwekhi yezitimela kuphela kanti lokhu kulindeleke ukuba kwenzeke ngo-October kuwona lonyaka kusho uMengameli uMnu. Cyril Ramaphosa.
UMengameli ukhulume la mazwi ngesikhathi ethula inkulumo uyakhe yesizwe (State of the Nation Address) ngoLwesine lomhlaka 9 Febhuwari ebusuku eHholo LeDolobha laseKapa.
“Inkampani yakwa-Transnet nezinkampani ezizimele zizophothula ubudlelwano eThekwini naseNgqura kumatheminali amakhonteyna ukuze kutshalwe izimali ezintsha emachwebeni ethu kuphinde kwenziwe ngcono ukusebenza kwawo,” usho kanje.
Ukungatshalwa kwemali eyanele, ukunganakwa kwezitimela, izinga lobugebengu nokungasebenzi njengedlela eyanelisayo kuvela njengezinye zezinto ezidale ukuthi imboni yezitimela ihlupheke iminyaka eminingi.
Ukuze kubhekwane nalokhu, ngonyaka owedlule, uhulumeni wamukela iNqubomgomo kazwelonke yezitimela ukuze iqondise ukwenziwa kwezinto, ukuguqulwa kwemboni yezitimela kanye nokuhlinzeka.
“Sisebenza kuhulumeni wonke ukuthuthukisa inkombamgwaqo yakwaTransnet ezohumusha izibopho zethu zenqubomgomo okuhlanganisa nokuhlelwa kabusha kweTransnet Freight Rail ukuze kwakhiwe iMenenja yengqalasizinda ehlukile yenethwekhi yezitimela”esho.
UMengameli uthe lokhu kuzosiza amachweba ezwe aphinde athole isikhundla sawo somhlaba njengamachweba asebenza kahle kakhulu futhi.
“Kube yimpumelelo enkulu ukwakhiwa kabusha kwePort Elizabeth Automotive Terminal, eseyiphindaphinde kabili umthamo wayo futhi isikubonile ukwanda kwezimpahla ezithunyelwa ngaphandle. Ziningi nezimoto eziya ezimakethe zaphesheya kwezilwandle eziphuma esikhungweni sezimoto ePort Elizabeth,” kusho uMongameli.
AbakwaTransnet bamatasa balungisa izitimela zabo ezingasebenzi futhi bazokwandisa nemikhumbi yabo, etshela amalungu ePhalamende.