SAMUKELISIWE MBONAMBI
UNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uRonald Lamola, uthi izinhlaka zokugcinwa komthetho zizobathathela izinyathelo labo abenze inkohlakalo ngesikhathi sodlame lwe-COVID-19, abenza ubugebengu ka-Eskom kanye noSARS .
UNgqongqoshe ubekhuluma ngesikhathi kuthulwa inkulumo yesizwe (SONA) ePhalamende.
“Umphakathi uyazi ukuthi abantu baboshiwe kwatholakala nemali ebeyebiwe ngesikhathi se-COVID-19 nge-SIU, futhi uhulumeni uyaqhubeka nokusebenza ekuqiniseni i-NPA.
“Lezi zikhungo ezimbili,u-SARS no-Eskom zibulawe ngabantu abakhohlakele ngakho sizovumela inqubo yomthetho ukuthi ithathe indawo yayo kubo bonke abantu ababoshelwe inkohlakalo kwa-Eskom, labo bantu bazoziphendulela, kuqulwe icala lamahhala nelinobulungiswa,” usho kanje.
Mayelana nodlame leGender Based Violence (GBV) kanye nokubulawa kwabesifazane, uLamola ukuchithile izinsolo zokuthi abamthetho azikho izinyathelo abazithathayo ngakho
“Ku-GBV, lingu-74% izinga lokugwetshwa ezweni lonke, nsuku zonke izinkantolo zethu zigweba umuntu futhi zibanika izigwebo eziphakeme lokhu kuyiqiniso. Ngesikhathi sokubika, zingu-34 456 izindaba ezibikwe ezikhungweni zokunakekela iThuthuzela, izinga lokugwetshwa liku-76% ngakho akulona iqiniso ukuthi awukho umsebenzi owenziwayo. Ngempela i-GBV isaqhubeka nokuba yinselelo kodwa lolu wudaba okufanele sisebenzisane sonke ukuze siluxazulule njengomphakathi” usho kanje.