THOBILE MBATHA
Bekubukwa uMadlamini ngosuku lwezithandani mhla ziwu-14 Febhuwari 2023 kube indumezulu intokazi yaseMpangeni ehlala eNseleni edume ngoMadlamx esizakhele udumo ngokuzikhulumela noma yini efikayo kuhlekwe kanti usuke engahambi yedwa usuke ehamba nowesilisa ovamise ukumthwebula enze ama-video amfake koTiktok ukumjabulisa useke wabonakala emuqhubisa imoto yakhe yohlobo lwepolo.
Lowesilisa osamusha ongajwayele ukuziveza ebusweni ogqoka isikibha esibhalwe ukuthi IMBANGI kanye nezimoto ezivela ezibhalwe ukuthi IMBANGI TRADING BUILT IN CUPBOARDS WARDROBES MAINTANCE uyena umuntu owenze usuku lwezithandani lukaMadlamini lwaba impumelelo enkulu.
Emuva kokuthi lomlisa ebhale ukuthi: Angazi kusasa kanjani kanjani ifrontal ngo 14:00 eModish Ladies Empangeni esho mhlaka 13 kanti ukhuluma ngohambo lukaMadlemx utrendile ezinkundleni zokuxhuma emuhle kakhulu emthengele nezipho, izimbali nokunye obengamapresents.
ABANTU BAMBONGELILE UMADLAMINI EZINKUNDLENI ZOKUXHUMA NGOKUHAMBA PHAMBILI NGOSUKU LWEZITHANDANI BAVEZA IMIBONO YABO BEMHALALISELA.
UNobuhle Andile “Sifuna uGod asilethele ngetray izinto zethu kanti zicashe la esingaboni khona ngisho la esingenzanga kahle khona kuyosentshenziswa izinto ebesingazinakile to pull us out ….May our good Lord continue to bless you my brother for the fact that uyamenza ajabule like all other people azibone ebalulekile for changing her facial expression ibe eyenjabulo kuphela you will be rich times 100.”
UMagatshen Mawabafana Khanyoe: “Ekse ushembe uzokwenzela izimangaliso bhuti wami ngicela unyazi lenze i company yakho isebenze in all provinces, Uyindoda i love and wish u all the best…. Ubhombela akenze isibonelo ngawe ungasweli ukhule.”
UKhambule Zinhle: “Guys ngize ngyakhala iVideo akasemuhle Jehova ngiyakuvuma muntu wenkosi may God keep on blessing you wemama ngaze ngachazeka lo bhuti Nkulunkulu zombusisa bukani umbuka kamnandi kanjani.”
UXoli Mkhize: “God bless u bhuti okwenzela uMaDlems kuhle kakhulu ngyabonga kubuyisela ithemba kuye azibone ethandwa ngithi nje keep it up ukumbona ejabulile kuyangijabulisa kakhulu sengath nebhizinisI lakho lingakhula.”
UMbali Mlando Cnoty Zulu: “MaDlams wayenikelelela into enjena ke embengeni sasize sihleke kanti Jehova uzolenza icebo lakhe sIyabonga ungadinwa uyena.”