IBET Software ihalalisele abafundi bakaMatric baseVelabahleke High School

THOBILE MBATHA

IBET Software ihalalisele abafundi abaphume phambili kumatikuletsheni NgoMgqibelo mhlaka 28 kuJaniwari 2023, ihlanganyele kanye nesikole iVelabahleke High School bebehalalisela abafundi abathole imiphumela eseqophelweni eliphezulu kuMatric. Kuphindile futhi ukuthi lesisikole sithole i-100% pass rate, bangu-396 uma sekuhlangene.abafundi abaphase ngamalengiso.

Bekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla bathe, IBET Software ihloniphe abafundi abawu-20 ngama laptop kanye nama-keyboard nama-mouse kanti sekuyisikhathi eside lenkampani isisekela lesisikole ngokuba nemiphumela emihle.

Isikhulumi sosuku besiqhamuka ehhovisi likaNdunankulu KwaZulu-Natali iPhini likaMqondisi, uMnu. Sibusiso Ngubane, ubongele ukunqoba kwekilasi lika 2022 wathi: “Labafundi baphikelelile yize isiFundazwe besibhekene nezinkinga ezinjengezikhukhula, ukuluthwa, nokuhamba kukagesi siyabancoma ngalokho.”

Umfundi obashaye bonke kuMatric, uNothando Koza, othole umklomelo i-2022 Dux Award uyibongile iBET Software ngokuxhasa. uthe: “Umama wami akasezukukhathazeka ngokuthi uzoyithathaphi imali yokungithengela i-laptop yaseUniversity ngoba iBET Software isilekelelile. Seningenzele ukuqala konyaka kwalula.” echaza.

UMichael Collins oyimenenja yakwa BET Software wathi: “U-2022 ungomunye weminyaka ephawulekayo ngenxa yezinga elincomekayo lemiphumela yokuphasa eValabahleke High School. Halala kubafundi bakaMatric, iBET Software iyaziqhenya ngani.”