Odokotela bafuna inkantolo yabo eyisiphesheli

THOBILE MBATHA

Odokotela bafuna inkantolo yabo eyisiphesheli ngakho inhlangano iSouth African Medical Association (SAMA) ithi ingakuthokozela ukuba nenkantolo ezoqula amacala odokotela nabasebenzi bezempilo enzeka ngesikhathi besemsebenzini wabo.

Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe sithe lokhu kuza emuva kokuthi udokotela wezingane uDkt Peter Baele ebekwe icala lokubulala kulandela ukushona kwezingane ezintathu ngemumva kokuthi ezihlinzile. i-Sama ithi lelicala selidale ubungozi emsebenzini wodokotela.

UDkt. Mark Human weSama ucashunwe kweminye imithombo yezindaba ethi, kube nesigameko sokushona kwengane eneminyaka engu-10 ngemuva kokuhlinzwa ilodokotela, kwase kutholakala ukuthi kunezinye futhi izingane ezimbili ezishone ngemuva kokuhlinzwa ngakho agcine esemathathu amacala abekwe wona.

“Ngeke ngikwazi ukukhuluma ngemininingwane yecala kodwa udokotela ohlinzayo ubekwe amacala okubulala ngokungenhloso manje asephenduke aba ngawokubulala. Ngokwami ukuqonda ukubulala kusho ukuthi isenzo senziwe ngenhloso, uma kunjalo ngabe kuthiwa udokotela ohlinza izingane ungusolwazi onekhono nesipiloyoni angabulala ingane eneminyaka engu-10?” kubuza uHuman.

Uqhube wathi ufisa ukwazi ukuthi isinqumo sokuthi umuntu abekwe icala lokubulala sithathwa kanjani ngoba enye yezinkinga ezibhekene nomkhakha wezempilo ukuthi kunemicikilisho eminingi eyenziwayo ngesikhathi isiguli sihlinzwa, ngakho akukhona ukuhlinzwa kuphela. Uhlelo lwezomthetho olulandelwa kuleli luthathelwe emazweni aphesheya oluhlale lufuna ukuthi kube nomuntu osolwayo futhi kuba onemali ozokwazi ukuhlawula. esho