KZN REPORTER
Owesifazane waseStanger endaweni yase Thembeni uthi ucela ukusizwa ngemali yezindleko zokwelapha indodakazi yakhe eshiswe umama wakwamakhelwane nge Acid. Lona wesifazane ogama lakhe uJabu Thabethe uthi indodakazi yakhe ishe kabuhlungu yaze yonakala nobuso, kanti nesibhedlela naso sehlulekile ukumsiza, njengoba ilaliswe izinsuku ezimbalwa maqede yakhishwa nomuthi wamehlo kuphela.
Lona wesifazane uthe livuliwe icala waboshwa umakhelwane wavela enkantolo kodwa futhi usazophinde avele, ekhuluma nephephandaba iKZN Namuhla uthe angajabula uma lomama ongumakhelwane angayitholi ibail ngoba lento ayenze endodakazini yakhe ikhombisa unya olumangazayo.
“Ingane yami ayisabuthi quthu ubuthongo ngenxa yezinhlungu kanti akukho nento etheni ebibangwa obekungaze kudingeke ingane yami ilinyazwe kabuhlungu kanjena.” kuzikhalela uJabu ongunina wengane eshisiwe.
Njengoba indodakazi kaJabu isikhishiwe esibhedlela isele nezibazi zokusha athi akazi uzoyithathaphi imali yokukhokhela odokotela besikhumba abangase bakwazi ukuyisiza, okungakho esekhiphe isicelo asibhekise emphakathini noma ubani ongasiza ngomnikelo wemali ukuze akwazi ukuthenga imali yokwelapha indodakazi yakhe aphinde akhokhele nodokotela besikhumba.
Abangakwazi ukusiza ngomnikela uthe uyacela ukuba bafake imali ku –account number: 1688 3949 57 yakhe yasebhange kanti inombolo yocingo angathintwa kuyo:072 405 3873