UKhongolose uqoke oweNFP kwesePhini leMeya yeTheku

SAMUKELISIWE MBONAMBI

I-ANC eThekwini iqoke ukhansela Zandile Myeni weNational Freedom Party (NFP) njengePhini leMeya entsha yeTheku kanye noThabani Miya we-Economic Freedom Fighters ukuthi abe ngusihlalo wekomiti lezokuhlaliswa kwabantu eMkhandlwini.

I-ANC ithe isivumelene ngokwakhiwa kabusha kwamakomiti kaMasipala ukuze acije futhi aqinise nemishini yokuletha izidingo kubantu. UNobhala wale nhlangano esiFundeni uMusa Nciki uthe, njengeqembu elibusayo, kuseqhulwini ukuqinisekisa ukuthi wonke amaqembu ezepolitiki ayasebenzisana nawo ukuze kuthuthukiswe izidingo.

UNciki uthe iPhini likaSihlalo we-ANC eThekwini uMnu. Thembo Ntuli uqokwe njengoSihlalo wekomiti lezokuThuthukiswa koMnotho, ukuHlela nokuHweba.

Isikhundla sikaSotswebhu woMkhandlu sizovalwa nguMnu. Snenhlanhla Sishange naye we-ANC. USishange ungomunye walabo abaziwayo nobeyiMeya uZandile Gumede osolwa ngenkohlakalo.

UNciki uthe kuzosungulwa ikomiti elisha lezokuphepha nezimo eziphuthumayo elizobe liholwa nguMyeni.

UMiya, we-EFF, uqokwe njengosihlalo omusha wekomiti lezokuhlaliswa kwabantu kanye nengqalasizinda, isikhundla ebesiphethwe nguPhilani Mavundla.

UNciki uthe i-ANC ikwamukele ukusula kukaMnu. Ntokozo Sibiya njengoSihlalo wekomiti lokuziphatha. “Kunezinqubo” zokuvala lesi sikhala, esho.

“Siphinde saqaphela ukuthi iDemocratic Alliance isiphakamise uTino Pillay ukuthi abe yilungu lekomidi lezimiso zokuziphatha,” engeza.