THOBILE MBATHA
Umethuli wezinhlelo uVusizwe Langa ushiye phansi ukusebenza enhlanganweni i-South African Broadcasting Corporation (SABC), maqede wajoyina iNewsroom Afrika emva kokuthumela incwadi yokushiya ngoDisemba 2022.
Ngokwesitatimende esikhishwe ekuqaleni kwenyanga kaFebhuwari sithe, UVusizwe ubesekwenzile okuningi kwaSABC ubone kuyithuba elihle leli elimvelele njengoba iNewsroom Afrika kuChannel 163 ivele nezindaba zezilimi zesiNguni, Ngakho uzokwethula izindaba ezibizwa ngeZindaba Zethu. “Bathe uma bengicela ngabona kuyithuba elihle kakhulu ngoba kubalulekile ukuvuleleka ezindaweni eziningi ngandise isipiliyoni sami” echaza.
Uthembise ukuza nomehluko omkhulu kulesi siteshi njengoba ekwazile ukwenza nakwa-SABC. Kanti ukuvezile ukuthi uqashelwe ukuba ngumdidiyeli omkhulu wezindaba, aphinde azethule kumabonakude. Uveze ukuthi uzoqala ukubonakala kulesi siteshi mhla ziwu-27 kuFebhuwari kusukela ngoMsombuluko kuze kube iSonto njalo kusihlwa.”Engizogxila kakhulu kukhona ukuthi izindaba zethu uma abantu bezibuka bazithokozele ngendlela yokuthi kungasukeki kumabonakude. Sizobe siletha kubantu lokhu abakudingayo njengoba ngikwenzile lokho kwa-SABC ukuthi izindaba zilangazelelwe zingaphelelwa umsoco.” eqhuba.
Uthe, ngenxa yokwamkela lelithuba elisha akabange esavalelisa nakahle kubalingani bakhe njengoba ebese eneminyaka esebenza nabo lokhu waqala ngoNyaka ka-2006 esuka kwa-et.v, wabe esengena ngaphansi koKhozi FM ethula zona izindaba ngaphambi kokuba agxile kumabonakude, kwaSABC ubengumbhali wezindaba nomhleli wazo.