SAMUKELISIWE MBONAMBI
Ukuqhathwa kwamaqembu azodlala kuma-quarter final eNedbank Cup bekubanjelwe eGoli ngoMsombuluko ebusuku. Imidlalo yalesigaba izodlalwa ngomhlaka 15 Ephreli kodwa izindawo ezodlalelwa kuzo zizoqinisekiswa ngokuhamba kwesikhathi.
IDondol Stars, elwela ukuphuma kwi ligi ye-ABC Motsepe League ikhuphukele ngenhla yasesifundazweni saseGauteng idonse amehlo abaningi kwezebhola ngemuva kokuthi iguqise AmaZulu FC eyayiqhathwe nawo esigabeni sika Round16. Ngenxa yalokhu, leli qembu elizinze eMamelodi seliqinisekisiwe ukuthi lizothola u-R400 000 njengoba lidlulele kuma-quarter-final.
Umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, uthe ukulindele ukuthi lomdlalo wabo neDondol awuzoba lula njengoba leli qembu likwazile ukudlula liqhathwe neSuperSport kanye naMaZulu.
“Kuzoba nzima njengemidlalo edlule kuthina, siyazi ukuthi abekho lapha ngenhlanhla. Sidlala neqembu elingadlali esigabeni esifanayo nathi, lokho kukodwa kuzobagqugquzela ukuthi badlale ngokuzimesela” kusho uRiveiro.
Ngokokuqala ngqa kusukela ngo-2014, ukuthi amaqembu athandwa kakhulu eNingizimu Afrika iKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns afinyelele wonke kuma-quarter final eNedbank Cup.
Amaqembu azofinyelela kowandulela owamanqamu azothola u-R1-million kuthi amaqembu azofinyelela kowamanqamu aqinisekisiwe u-R2.5millon, kanti ophumelele ugoduka no-R7million.
Imidlalo yama-quarter finals izodlalwa ngomhlaka 15 Ephreli 2023
Amaqembu aqhathwe kanje:
Dondol Stars vs Orlando Pirates
Stellenbosch vs Mamelodi Sundowns
Royal AM vs Kaizer Cheifs
Chippa United vs Sekhukhune United