Bacela ukufuniswa indodana engaziwa ukuthi ikuphi

THOBILE MBATHA

Umndeni wowesilisa wakwa Ngcobo eMzinyathi, eThekwini, uzama ukuthola umkhondo wendodana yawo engaziwa ukuthi ikuphi sekuphele unyaka yanyamalala.

UMnu Bhekinkosi Ngcobo echaza ezinkundleni zokuxhumana uthe, umuntu usengathenga imoto ngemali aseyikhiphile ezama ukuthola okungenani ithambo lendodana yakhe uMondli, eyaphuma kubo ibaleka ithi kukhona abafuna ukuyidubula wabuya ezintatha ngakusasa, amaphoyisa athi amthole engagqokile ngisho nasekhaya kumuncu. Wadukela emzini womculi, uBabo Ngcobo, ngenhlanhla waba nobuntu wamnika okokugqoka. Kwabanguye futhi ofonela amaphoyisa,” esho.

Uthi ngaphambi kwalokho, indodana yakhe ibingakaze ikhombise izimpawu zokuphanjanelwa yikhanda, kepha beyingumuntu othanda ukuhlala yodwa ibe matasa nomakhalekhukhwini. ngosuku eyafika ngalo indodana namaphoyisa amyalela ukuba ayibophe ngentambo ukuze ingabaleki kodwa yona yacela ukuba ingaboshwa. Yathi kungcono ihambe namaphoyisa ayoyivalela ngiyilande ngakusasa.

Nebala senza njalo, kodwa kuthe uma ngifika esiteshini saseMtshebheni, amaphoyisa engawafica ekuseni athi kawakaze ezwe lutho ngendodana yami. Owayekhona esitokisini ehleli nayo, wasitshela ukuthi ihambile, ibilokhu ikhuluma yodwa, kwaba wukunyamalala kwayo.

Sagcina sesinamathisela izithombe zayo yonke indawo ukuze sithole umkhondo, kodwa lutho Sicela abayifanisayo basitshele, ukuze sikwazi ukuthola ukuthula siwumndeni ongaba nomkhondo angathinta inombolo ethi: 076 571 0170, 078 2975 969 noma ethi: 074 9583 636.