SAMUKELISIWE MBONAMBI
Kule nyanga, iPuma engumxhasi weqembu lamaProteas ithule ijezi lamaProteas eKapa azoligqoka mase kuqhubeka imidlalo yeNdebe yoMhlaba, kanti inkampani ye-medical aid ehamba phambili i-Discovery isayine isivumelwano se wellness sponsorship seminyaka emithathu naleli qembu.
Lo mqhudelwano obhekwe ngabomvu uzoba se-International Convention Centre eKapa kusukela ngomhlaka 28 Julayi kuya ku-6 Agasti.
“Kusesekuseni ukudalula amabhonasi okusebenza. Abadlali abangu-24 bamaProteas banenkontileka futhi bathola amaholo nyanga zonke. Sizokwenza izimemezelo mayelana nodaba lwamabhonasi.
“Sisaxoxisana nabaxhasi bethu ukuze basisize ngemali enhle yalomqhudelwano ozodlalelwa emhlabathini wase-Afrika okokuqala ngqa eminyakeni engu-60. Abadlali bazothola amabhonasi amakhulu,” kusho uDe la Guerre.
Ngo-2019, ama-Proteas aqede endaweni yesine eNdebeni yoMhlaba e-Liverpool athola ibhonasi ka-R1.2 million kubaxhasi bakwa-Spar.
Eminyakeni emine edlule e-England bathenjiswa isigidi ngokunqoba iNdebe yoMhlaba, u-R750 000 endaweni yesibili, u-R500 000 ophume isithathu no-R200 000 ngokufinyelela kowandulela owamanqamu.
UDe la Guerre uveze ukuthi kulokhu kuzoba nenani eliphezulu.
Ngokusho kukaDe la Guerre iNingizimu Afrika ziningi zimemezelo ezozizwa mayelana neNdebe yoMhlaba eziphuma kubalingani babo bezinkampani kodwa isimemezelo samabhonasi kuzoba ngesokugcina. “Kufanele kugxilwe ekulungiseleleni iqembu ukuya eNdebeni yoMhlaba hhayi indaba yemali. ” Njengamanje ama-Proteas asekhempini yamasonto amabili e-Stellenbosch abadlali bazobuyela emaqenjini abo ngenyanga ezayo ukuzodlala kwi-Telkom Netball League. Ikhempu yokugcina yokuqeqesha izoba seKapa ngoJuni.