THOBILE MBATHA
Umelaphi wendabuko odumile eThekwini uDktl.Andile Dlamini odume ngelikaMzimb’ukhalimali ubabaza ukuthwasa kwezingane ezisencane ezisafunda isikole.
Ekhuluma enkonzweni yakhe yangolwesine ayenza eThekwini eWorkshop mhlaka 9 Mashi uthe, “Uma ngibona izingane ezincane zithwasa ngifikelwa ukubabaza ngoba mina ngangenwa yidlozi ngifunda uStandard 2(grade 4) kodwa ngahanjiswa kumama osizayo wangenzela ngendlela efanele wakhuluma nabadala ukuthi ngisamncane.
Ngokwenzeka kimi ngafunda ukuthi idlozi kuyakhulunywa nalo lithibeke ngoba ngafunda ngampela laze laqubuka sekufanele yingakho ngikubabaza ukuthwasa kwengane esafunda isikole, ngikhuluma ngento eyenzeka kimi. “kusho uMzimbokhalimali. “Ngikuthatha njengomkhuba noma ichilo ngoba kukhombisa ukuthi abantu bakithi abasazilandeli izinto ezikhulunywa abantu abadala kumuntu abamngenile ngoba idlozi ilona elishoyo ukuthi lomuntu elikuye lifuna enzeni ngasikhathi sini ayi ukuthi kusho ugobela ukuthi yini edingekayo.” Kuphetha uDlamini.