Umasipala weTheku unxusa umphakathi ukuthi ubike ngokwebiwa kwamakhebuli

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Umphakathi uyakhuthazwa ukuthi ubike ukwebiwa kwamakhebuli. Lo msebenzi ongekho emthethweni unomthelela omubi kumabhizinisi nakubahlali. Umkhandlu wedolobha iTheku  usebenzise imali engaphezu kuka-R40 million ukubuyisela u-6 Tons wamakhebuli ebiwe onyakeni wezimali odlule.

Ukwebiwa kwamakhebuli nokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho ngezinye zezinselelo ezikhubaza ukusatshalaliswa kukagesi eDolobheni. Ukucima kukagesi kaningi kubangelwa ukwebiwa kwezintambo nokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho. Umasipala usunxuse kaningi ukuthi umphakathi ubike ukwebiwa kwamakhebuli ukuze kunqandwe.

Lomonakalo awubulali ingqalasizinda kuphela kodwa uphazamisa izakhamuzi namabhizinisi. ITheku lilahlekelwe u-R785 million ngenxa yalo mkhuba ongekho emthethweni.

Lesi sabelomali besingase sisetshenziselwe amaphrojekthi okulethwa kwezidingo kanye nezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi.

Ukwebiwa kwamakhebuli akugcini ngokuncisha izakhamuzi namabhizinisi amandla, kuphinde kube nomthelela omkhulu ekuhlinzekweni kwamanzi njengoba amaphampu amanzi esebenza ngogesi, okudala ezinye izindawo zihlale zinenkinga yokunqamuka kwamanzi.

ITheku liyaqhubeka nokusho ukuthi lizobhekana nokuntshontshwa kwamakhebuli. Babalelwa ku-16 abantu asebeboshiwe ngamacala ahlobene nokweba amakhebuli. Izigwebo zabo kungaba ukuya ejele noma inhlawulo.

Cishe angu-55 amacala asenkantolo kanti uMasipala unethemba lokuthi ubulungiswa buzobakhona. Umkhandlu unxuse umphakathi ukuthi usebenzisane neziphathimandla ukulwa nokwebiwa kwamakhebula.