Awupheli mandla umbukiso wamabhizinisi osuneminyaka ewu-25

Sekuvuliwe ukubhalisela umbukiso wamabhizinisi wodumo kaMasipala weTheku, iDurban Business fair (DBF) ogubha iminyaka ewu-25. Lo mbukiso wamabhizinisi uzosingathwa kusukela mhlaka 22 kuya ku 24 Septhemba e-Durban Exhibition Centre.

I-DBF ingenye yezinhlelo zokuthuthukisa umnotho ezisingathwa wuMasipala ukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi asafufusa ayadlondlobala futhi ayabandakanywa ekubambeni iqhaza emnothweni weDolobha.

Sebenzisa le-link ukuthola ifomu lokubhalisa: http://bit.ly/3YfbIsb. Ungavakashela naku-www.durban.gov.za ukuze uthole ifomu lokufaka isicelo noma uye e-7th floor, e-Embassy Building, ku-Anton Lembede Street ukuze uthole amafomu okubhalisa. Ungakwazi nokuthumela i-Email ku-admin@lomes.co.za ukucela amafomu okufaka isicelo sokukhangisa kumbukiso wamabhizinisi. Kulo nyaka kwethulwe uhlelo lokukhokha olunezigaba ezahlukene. Okushaye umhla ka-31 Mashi eseyikhokhile yonke imali yombukiso uzothola isaphulelo.