I-Restoration Ministries ikhuthaze abafundi ukukhetha izifundo abazozenza kusanesikhathi

THOBILE MBATHA

Ibandla iRestoration Ministries eliseSiphingo bahlele i-career day lapho bebehlanganyele khona nabazali, abafundi baka grade 10, 11, 12, nasebephothulile ugrade 12 ngokulekelelwa izikhungo zemfundo ephakeme esingabala kuzo. PC Training, Coastal Tvet College, Ukzn, Cao, ukuzokhuthaza abafundi ngokukhetha izifundo kusanesikhathi kanjalo nokumele bakuqikelele kakhulu ukuze bathole izikhala ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Izikhungo ebezikhona zibe nesikhathi esanele sabafundi lapho bebethola khona ukuchazeleka kabanzi. Kanti bebeqhamuka ezindaweni ezahlukene ezakhele iTheku abanye bebeqhamuka e Mason Lincoln special school, kingsway high school, Zwelethini H.school.

UMnu.Malinga noNkk.Malinga, badlulise ukubonga emphakathini wonke. baphinde bathi”Our Now Is Our Future.” Batholakala no: 12 Willowcreek place esiphingo 031-9025063.