Esikubona kwenzeka eqenjini leDemocratic Alliance (DA) okuyilo elithathwa njengeliphikisayo ngokusemthethweni lapha eMzansi kungakushiya udidekile impela. Leliqembu lizibona lizoba selikulungele ukuhlwitha amandla eqenjini elibusayo leAfrican National Congress (ANC). Lokhu elinethemba elikhulu ukuthi kuzokwenzeka ngokhetho luka 2024.
Leliqembu leDA liholwa uMnu John Steenhuizen okuthe ngempelasonto wathola amavoti amaningi wehlula imbangi yakhe uDktl. Mpho Phalatsi okhethweni lwezikhundla ezintsha zokuhola leliqembu.Lokhu uSteenhuizen kumenze wathola ihlandla lesibili lokuba uMengameli wayo i-DA.
Ekhuluma uSteenhuizen uzwakalise okukhulu ukuzethemba lapho ethe nakanjani bazolwela ukuhlwitha iqembu likaKhongolose amandla ombuso, okuyinto ezokwenzeka ngokuthi i-ANC ithole amavoti angaphansi kuka 50% uma sekuvotwa.
Isimanga esikhona ukuthi leliqembi liholwa abamhlophe phambili kanye nengcosana yabamnyama. Kanti okunye ukuthi leliqembu phambilini lake lazakhela udumo ngesikhathi so Lindiwe Mazibuko kanye no Mmusi Maimane owabe enguMholi wayo kodwa emva kokhetho olwedlule walishiya leliqembu ngenxa yezinkinga ezidalwa ukwehlukana ngokobuhlanga.
Ngaphambili leliqembu lalibonakala lenza kahle impela ngoba laliphusha phambili abaholi abakhaliphile abafana noLindiwe Mazibuko,Herman Mashaba, kanye noMmusi Maimane okuyibo abadonsa abavoti abansundu ukuba bavotele leliqembu, lokhu okwalisondeza eduze kakhulu nokuthi libe iqembu elikhulu eliphikisayo.
Manje isimanga ukuthi ukuphuma kwalabaholi abansundu ngenxa yokungaphatheki kahle kwaze kwavela obala ukuthi kungenxa yokwehlukana ngokobuhlanga, umbuzo uthi manje bazokwenza kanjani ukuthi bakwazi ukuhlwitha uKhongolose amavoti kube kwabona benezinkinga zabo zokungakwazi ukuphatha abaholi abansundu ngokwebala.
Sengiphetha ngingasho nje ukuthi ipolitiki yobuqembu ingakumangaza uze futhi umangazwe ngisho abaholi ababukeka bekhaliphile njengaye uDktl. Mpho Phalatsi obecabanga ukuthi angakwazi ukuzuza amavoti edlule uSteenhuizen.