THOBILE MBATHA
Owesilisa umsunguli wesiteshi somsakazo i-Voice Of Durban uMnu. Sandile Makhanya ohlala eMlazi ka J. oyisungule ngo Juni.2021.
Ekhuluma nephephandaba lomphakathi IKZN Namuhla uthe, “Inhloso yalomsakazo ukukhuthaza intsha nangokugcina umlando weTheku nokwazisa umhlaba wonke ukuthi iTheku linomlando futhi linezindawo ezinhle. Into eyenza ukuthi ngisungule lomsakazo ukubona ukuthi izinto ezinhle eziyigugu azisanakiwe.
Okunye esigxile kukho ukuthuthukisa intsha kwezikaqedisizungu njengoba website yethu ne app lapho kuzobalula ukuthola izindawo zokungcebelaka esikwenzayo kanti sizocija amakhono kulabo abanekhono lokusakaza .Njengoba sibambisene ne-Artvision academy iyona ezoqeqesha abanekhono. sizophinde siqophe nama documentary azozwakala kuyo Vod Radio ”esho
Umsakazo ungawulalela kwi website ethi www.voiceofdurbanradio.co.za nakwi mobile app VOD RADIO APP on Google Store kanti batholakala ku 262 Matthew Meyiwa Rd. Durban Whatsapp 064 977 6317.