Luzogxila emakhaya ucwaningo lweHIV olusha

THOBILE MBATHA

Lizogxila ezindaweni zasemakhaya ucwaningo oluzobe lubheka ukuzishintsha kwegciwane lesandulela ngculazi, ngemuva kokuhlasela kweCovid-19 ezweni.

Lokhu kushiwo nguSolwazi Frank Tanser waseStellenbosch University, ongusosayensi ozobe ehola ucwaningo oluzobe lwenziwa yile nyuvesi ngokubambisana neNyuvesi yaKwaZulu Natal, i-Africa Health Research Institute (AHRI). Uthe ulwazi oluzosetshenziswa oluke lwenziwa yi-AHRI ngaleli gciwane ezindaweni zasemakhaya enyakatho yeKwaZulu-Natali.

Lolu cwaningo lusanda kunikwa imali enguR40 million esikhungweni i-US National Institutes of Health (NIH). UTanser uthe lolu hlelo olwaziwa ngeThe Changing Face of HIV in the era of Covid-19, luzosiza ekutheni luveze isithombe esiyiso ngaleli gciwane ngoba libakhahlameza kakhulu abantu abahluphekayo.

“Imizamo yokwehlisa ukutheleleka kwabantu ngaleli gciwane nokwelashwa kwalo eyenziwayo ayikafinyeleli esigabeni okumele ukuthi iba kuso, ukuze linqandeke. Njengamanje sibhekene nokuthi amantombazane amancane yiwona atheleleka kakhulu ngaleli gciwane. Esikubonayo manje sekuyashintsha, sesiyanda nesibalo sabesifazane asebevuthiwe abatheleleka ngaleli gciwane,” kusho yena.