Angibingelele sizwe sakithi , kubesenhliziyweni yami ukuthi nginibhalele ngesixwayiso sokuphepha kulempelasonto yePhasika, esikhathini esihle sesikhumbuzo sokufa nokuvuka kweNkosi uJesu Kristu masingakhohlwa ukuthi noSathane usemsebenzini ngazo izikhathi ezinjena, masiqaphele ukushayela ngesivinini esiphezulu nokushayela siphuze amanzi amponjwana ukuze sivikeleke ezingozini zemigwaqo, masikuqaphele futhi nokuhamba ebusuku okungenasidingo ngoba nobugebengu buningi ngalezikhathi wonke umuntu ufuna imali ukuze azijabulise kulempelasonto nezigebengu zidlangile nazo.
Abesifazane baqaphele ukuthengelwa utshwala ngabesilisa abangabazi ezindaweni zokuzijabulisa ngoba kuletha amathuba okudlwengulwa amaningi , owesifazane makangazitholi ehamba yedwa ebusuku njalo. Makukhona izinto okumele sizenze masizenzeni ilanga lisekhona kusakhanya singalindi ubumnyama ngoba buhamba nezilingo.
Abaphathi bamabandla abaqinise ezokuphepha ezinkonzweni zasebusuku bangabanjwa inkunzi endlini yesonto abantu futhi baphinde baqinisekise ukuthi abantu banazo izithuthi ezizobabuyisela emakhaya ebusuku bangaze bagetshengwe bebuya ezinkonzweni. Kwezokuxhumana masiqapheleni singakhohliswa abantu bethi bazosenza osozimali sibanike imali yethu bazoyikhulisa ngezinsukwana ezimbalwa ngoba ubuqola lobo akulona iqiniso. Nginifisela impelasonto enhle nokuphepha kulezinsuku zephasika
Obhalayo nguMfundisi Katlego Nare