SAMUKELISIWE MBONAMBI
Umqeqeshi uPitso Mosimane uthi abadlali baseNingizimu Afrika kumele bakuqonde ukuthi ukudlala phesheya akusho ukuba se-England kuphela kodwa abadlali kumele babheke ukudlala nakwamanye amazwe, lokho kungabathuthukisa ekubeni behola imali eningi uma beqhathaniswa neyasekhaya.
UMosimane ukholelwa ukuthi iningi labadlali baseNingizimu Afrika licabanga nge-England, Spain, Italy, Germany, France neHolland njengezindawo abangase badlale kuzona.
“Ngicabanga ukuthi abadlali abazi ukuthi kwenzekani ngaphandle, bamane bathi ‘Europe’, kanti kukhona eNorth Afrika,” kusho uMosimane
“Ama-agent nawo, yiziphi izeluleko ezinikeza abadlali?” wabuza.
“Kwesinye isikhathi ngibheka abadlali abathile bese ngithi ‘lo mfana ungumdlali webhola osezingeni eliphezulu ngethalente lakhe angadlala kwiLigi engcono futhi athole imali eningi. Angikwazi ukusho okuningi ngoba angifuni izinkinga, kodwa abadlali bakhona, kodwa bayafuna yini ukukhuluma?” eqhuba
Lomqeqeshi uthe uvule izandla ukuthi anganika abadlali izeluleko ngoba amazwe usewahambile wabona kwenzekani.
“Ngisho naseSaudi Arabia, bangathola imali eningi. Konke kumayelana nokuthi yini okwinkontileka, inkontileka yakho iyisikhathi esingakanani konke lokho,” kuphetha uPitso.