THOBILE MBATHA
USolwazi Nobuhle Hlongwa oyiNhloko yeSikole Sezobuciko seNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) uqokwe njengoSihlalo omusha weNyuvesi yaseNingizimu Afrika (USAf’s) Community of Practice for the Teaching and Learning of African Languages (CoPAL).
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithe, ukhethwe emhlanganweni we-CoPAL eNyuvesi yaseStellenbosch muva nje, uHlongwa ukholelwa ukuthi ukufundisa izilimi zomdabu zase-Afrika kanye nokuzisebenzisa kwezesayensi, isibonelo, “kudinga uguquko olukhulu endimeni edlalwa izilimi zomdabu zase-Afrika ezifundweni”.
“Kodwa uma sesaba ukusebenzisa izilimi zesintu kanti ngonyaka ka-2022, kwacwaningwa amabhuku kuwo wonke amaNyuvesi aseNingizimu Afrika angama-26, kwahlolwa ukuthi yiziphi izinsiza nengqalasizinda anazo ukuze asekele ukuqaliswa koHlaka Lwenqubomgomo Yolimi,” esho
“Sibheke ngabomvu ukubona isithombe esiphelele salokho okwenziwe amanyuvesi yiziphi izinsiza ezikhona nokuthi yini okufanele ibekwe phambili.”
USolwazi Hlongwa ufuna ukubona isikhungo SaseNingizimu Afrika Sezinsiza Zolimi Lwedijithali (i-SADiLaR) sicwaningwa ngokwaso, ukuze sibone ukuthi yiziphi izinsiza zolimi lwase-Afrika esesivele sinazo ngokwengqikithi yomsebenzi waso, nokuthi zingabiwa kanjani kulo lonke uhlelo. ephetha