SAMUKELISIWE MBONAMBI
U-Abdullah Jame(35) osebenza egaraji lika phetroli i-Engen eBramley ube iqhawe ngemumva kokusindisa izimpilo zabantu okuvele kwasha iTekisi bephakathi. Lesi sisebenzi siphuthume sayolanda isicisha-mlilo sacisha umlilo ngaphambi kokuthi ubhebhetheke kakhulu njengoba ubuvele uzidla phezulu.
“Konke kwenzeka ngokushesha kodwa into yokuqala engayicabanga kwaba ukusindisa abantu ekushiseni,” kusho uJames mayelana nesigameko.
Itekisi ibisanda kugcwala ilungiselela ukuhamba ngesikhathi igqamuka amalangabi.
Kwi video yamakhamera e-CCTV esiteshi abantu babonakala bephithizela bezama ukuphuma etekisini kodwa izicabha zayo kungathi azivuleki.
Abantu abebehlezi ngemuva yibona abaphuma kuqala, abanye baphuma ngamawindi etekisi, ngesikhathi abanye abantu bebaleka uJames uyabonakala ephuthuma etekisini evuthayo eyolekelela.
“Ngezwa owesifazane ememeza ngaphakathi etekisini ecela usizo. Ngaphuthuma ngavula umnyango ukuze ngimkhiphe nabanye, ngizamile ukuvula umnyango okokuqala wangavuleka kodwa angizange ngiphele amandla uthe ungavuleka umnyango ngibe sengigijima ngokushesha ngiyolanda isicisha-mlilo esizosiza ukunqanda umlilo,” kuchaza uJames.
“Kuthe uma bengibona ngicisha umlilo kwafika ozakwethu nesinye isicisha-mlilo bezosiza. Ngajabula nje ngibona ukuthi akekho oshile nokuyinto engangiyigadile.” Kuphetha uJames
UJames uthe yena nozakwabo banikeza usizo lokuqala kwabalimele ngesikhathi belinde i-ambulensi.